NKOSIKHONA CELE
LUHLOSE ukuxwayisa abesifazane abazithola behlukumezeka emsebenzini ukuba babhukule bangakuvumeli lokho, uqweqwe lwe-lecturer, uDkt Sibongile Vilakazi, olobe incwadi esihloko sithi Put Her in Her Place, okuhunyushwa ngokuthi: Mbeke endaweni yakhe.
Udalule ukuthi le ncwadi izokwethulwa ngokusemthethweni ngoMashi 21, eThekwini. Uveze ukuthi ukwethulwa kwayo ukwenza ngokubambisana nenhlangano i-Wear Your Brand.
UDkt Vilakazi uthe wenze ngamabomu waqondanisa nosuku lwamalungelo ngoba ukholwa ukuthi kumqoka ukuba abantu besifazane bazi kabanzi ngamalungelo abo lapho abasebenza khona. Umnyombo wokulotshwa kwale ncwadi, uDkt Vilakazi uthi kusukela kwinkiyankiya azithola ebhekene nayo waze waxoshwa eWits Business School lapho ayefundisa khona.
UDkt Vilakazi obe nenkulumo ekhethekile neSolezwe, uthe akasoze awulibala unyaka u-2019, axoshwa ngawo.
"Kwatholakala ukuthi kunomunye umsebenzi engiwenzayo eceleni ngaphandle kwalo wokufundisa kulesi sikhungo. Abathile abangabaphathi bangicindezela ngaze ngaxoshwa,'' usho kanjena.
Ngesikhathi ebhekene nalesi simo, uthi akuqaphela kakhulu ukuthi kwakulula ukuthi kwenziwe noma yini kuyena ngoba nakhu wayengumuntu wesifazane.
"Ngifuna ukukhuthaza abantu besifazane abaqashiwe ezikhungweni ezahlukene kumbe ke ezinkampanini ukuba bangakuvumeli ukuthi kudlalwe ngabo ngoba nakhu bengabantu besifazane,'' usho kanjena.
Uthi okwadala ukuthi icala aze alidlulisele eNkantolo yabaSebenzi ukuthi wabona ukuthi ayacindezelwa amalungelo akhe njengomsebenzi futhi kusetshenziswa ukuthi ungumuntu wesifazane.
''Okokuqala nje, kumthetho wesikhungo akukho lapho okwakubhalwe khona ukuthi ngizoxoshwa uma ngizibandakanya neminye imisebenzi,'' usho kanjena. Uthi izinto zamane zabhimba kakhulu kunakuqala ngesikhathi esethatha leli cala eselidlulisela eNkantolo yezabaSebenzi.
"Kule nkantolo yilapho engaqaphela khona ukuthi kubhekwa ukuthi ngubani onamandla kunomunye ebese kuvunwa loyo obonakala enamandla,'' usho kanjena.
Mayelana nesihloko sencwadi uthe ukhethe ukusebenzisa sona ngoba esiyamanisa nayebhekene nabo ngeziqu zamehlo ngaleso sikhathi njengoba babelibeka ngembaba elokuthi bazombeka endaweni yakhe umuntu wesifazane, besho yena.
Udalule ukuthi ngesikhathi exoshwa wayeneminyaka engu-35 nje kuphela, waveza ukuthi njengamanje usefundisa kwesinye isikhungo. Ngokuzalwa ungowaseMpumalanga.