BESE kunesikhashana esongelwa ngokubulawa oyilungu eliqavile loMkhonto weSizwe Party (MK) odutshulwe wabulawa eCato Crest, eMayville, eThekwini.
UMnuz Mxolisi Zungu (32) kuthiwa uhlaselwe umsolwa obehamba yedwa ngezinyawo ngesikhathi yena (umufi) nowakwakhe behamba ngezinyawo bengazelele bebuya ukuyohambisa ingane (3) yabo enkulisa yendawo.
Isolezwe lithole ngelinye ilungu leMK kule ndawo elicele ukungadalulwa ukuthi umufi uke wabatshela ukuthi kukhona abamsongela ngokumyisa kwagoqanyawo.
Leli lungu liqhubeke ladalula ukuthi nangenyanga edlule, ngesikhathi kungqongqiswa nendlu elinye ilungu leqembu, umufi wakuveza ukuthi naye impilo yakhe isengcupheni.
“Ngesikhathi sisendaweni yesigameko lapho okwakubulewe khona uMorgan, uMxo wayeqhaqhazela, esho ukuthi naye unovalo lokuthi angahle alandele,” kusho ilungu.
UMnuz Morgan Mbili (45) washona ngo-Ephreli 30 emva kokusha nomjondolo kule ndawo. Abaningi okubandakanya nabeqembu, basola unyawo lwemfene ngendlela ashona ngayo.
Omunye osebuholini beMK kule ndawo, naye ocele ukungavezwa uthe, umufi ubengumdidiyeli wokhetho eqenjini kule ndawo. Uthe bakholwa ukuthi amavoti evile ku-5 000 atholwe yiqembu kule ndawo, atholwe ngenxa yezithukuthuku zakhe.
“Kusithusile ukubulawa kwakhe ngoba lesi sigameko selama esenzeke ngenyanga edlule lapho kushiswe khona elinye ilungu lethu nendlu. Manje uma sekwenzeka lesi sigameko, sesiqala ukuyibuka ngamanye amehlo le nto. Umufi ubeyimenenja yokhetho kule ndawo. Nalezi zibalo esizitholile, kungenxa yakhe,” kusho ilungu.
Ilungu lomndeni, elicele ukufihlwa ngoba libona lingaphephile njengoba umsolwa esacanasa, lithe umufi udutshulwe ngezinhlamvu eziyisihlanu, kwathathwa nesibhamu sakhe. Liqhube lathi umsolwa uvele wachusha phakathi kwemijondolo, waphela emehlweni emva kokugila le mikhuba.
Lidalule ukuthi ubebuye enze umsebenzi wokuba umqaphi uma ebiziwe nokwenza badideke ukuthi ubulawelwani.
“Asazi ukuthi isigameko sokubulawa kwakhe singasiyamanisa nakuphi phakathi komsebenzi wakhe kanjalo nezepolitiki. Yena ubeyilo ilungu leMK eliqavile,” kusho ilungu lomndeni.
Liqhube lathi bona bewumndeni ubengakaze abavezele ukuthi uyasongelwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokubulala nelokubamba inkunzi emva kokudutshulwa kowesilisa eCato Crest izolo ekuseni.
“Umgilwa ubehamba nomkakhe kuNew Road, beqeda kushiya ingane yabo enkulisa ngesikhathi umsolwa obehamba ngezinyawo emdubula ngemumva. Ushonele endaweni yesigameko. Umsolwa uthathe isibhamu sikamgilwa ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda, othe imbangela yokubulala ayikaziwa.