UBENOKHWANTALALA, ehlale ebalisa ngoyise okukholakala ukuthi wathunjwa wangaphinde wabuya ekhaya, umfundi waseKuhlekonke eMaswazini, ngaphansi kukaMasipala Umngeni, isidumbu sakhe esitholwe ngabanye abafundi silenga elawini lakhe.
UMlondi Hlengwa (18) okuthiwa ubedume ngelikaMbududu, efunda uGrade 11 kulesi sikole, isidumbu sakhe sitholwe abanye abafundi abangabangani bakhe sivalelwe elawini lakhe silengiswe ngentambo ophahleni lwendlu ngezikhathi zokuphuma kwesikole.
Owomndeni, uNksz Nozipho Hlengwa elandisa Isolezwe, uthe umufi ubezihlalela nabantu asebekhulile ngakho bebezitshela ukuthi uvuke waphikelela esikoleni njengezinye izingane.
“Baqale ukubona ngesikhathi kufika abafundi abejwayelene nabo bezombheka. Nabafundi kuthiwa bathe abazange bambone esikoleni ngalolo suku, kanti ubematasa ebabhalela imiyalezo abangayiqondi kwiFacebook. Ngesikhathi kuvulwa isicabha sendlu yakhe, bazithele esidunjini silenga okukholakala ukuthi uzibulele,” usho kanje.
Uthe ubeyingane ebizithulela, ihlonipha futhi ihlakaniphile nasesikoleni ngakho okusolisayo ukuthi ubehleze ebalisa ngoyise owanyamalala ngo-2019. Uyise kuvela ukuthi washayelwa ucingo othile wathi abahlangane naye eThekwini, kukhona umsebenzi wonogada ovelayo, kwabe ukugcina kokubonwa kwakhe.
Kuthiwa isigameko sokunyamalala kukayise okunenkolelo yokuthi wenzakaliswa, saphoqa ukuthi abuyele koninalume ayohlala khona. Umufi kuvela ukuthi wayekhule ekhonze kakhulu uyise, ezihlalela naye, okukholakala ukuthi yinto ebihlale imhlupha ukuhamba kwakhe ngaleya ndlela.
Isolezwe liyibonile eminye imibhalo ekhasini lakhe kwiFacebook okukhona kuyo othi;
“Uphi ubabawakho? Akukho lula ukuthi ngithi anginaye.”
Umndeni uthi akusona isigameko sokuqala sokuthi kubekhona emndenini ohamba ngale ndlela njengoba umkhulu wakhe omncane ngasohlangothini likanina nobabomncane wakhe nabo badlula emhlabeni ngendlela efanayo.
Umufi kuthiwa ubedume ngokuzigidela ingoma, kangangoba ngesikhathi ebhalela abangani bakhe afunda nabo umyalezo, kuthiwa ubacele ukuthi bafike bonke baphelele emcimbini wakhe ngoLwesihlanu kugidwe ingoma kuze kuse, okukholakala ukuthi ubeqonde umngcwabo wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ase-Taylor’s Halt, avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu emva kokuthi isidumbu sakhe sitholwe silengisiwe kubo ngoMsombuluko.