UZITHETHELELE ngokuthi isoka beliyiphika ingane owesifazane obehlala eHazelmere, eThekwini, owongokufika kuleli oboshwe ngokulahla ingane esitamkokweni.
Ngokusho kwakhe, isoka belimsola ngokuphinga, lase liyiphika ingane ngesikhathi isizelwe lathi akusiyona elayo nokuholele ekutheni aze ayoyilahla.
Lo wesifazane (32) wenze lesi senzo ngeSonto, lapho okuthiwa wabonakala eyofaka usana esitamkokweni elisonge ngoplastiki omnyama emgwaqweni uWick, eVerulam.
Ngokusho kwesitatimende esikhiwe uphiko lakwaReaction Unit South Afrika (Rusa), omunye wonogada bayo umiswe amalungu omphakathi ayesola ukuthi kungase kube nesilwane esivimbe esitamkokweni.
“Ngesikhathi unogada wethu ehlola kule ndawo, uthole isikhwama somgqomo omnyama sibhajwe eduze komgodi wokudonsa amanzi. Ingane ibonakale ilenga onqenqemeni lomgodi oholela ekwehleni okungamamitha amabili esitamkokweni. Unogada ukwazile ukukhipha uplasitiki womgqomo, wahlenga ingane wase ebikela abanye onogada ukuze athole usizo,” kusho isitatimende.
Sithe ngesikhathi onogada befika endaweni yesigameko basusa izingubo ezimanzi nezingcolile ebezigqokiswe ingane obekubonakala ukuthi kungeyentombazane.
“Umntwana ube esegqokiswa ijakhethi efudumele wayiswa esibhedlela sikahulumeni oSindisweni. Onogada bathole indwangu kakotini engalweni yengane okwenza abezimo eziphuthumayo bakholelwa ukuthi ubesanda kuphuma esikhungweni sezempilo,” sisho kanje.
Siqhube sathi, ngoMsombuluko onogada babe sebelandela umkhondo ukuthola ukuthi lo wesifazane ungubani.
“Kutholakale ukuthi lo ungowakudabuka eLesotho. Ufudukele kuleli eminyakeni emibili edlule. Olunye ulwazi olutholakele luthi lo wesifazane ubesehlose ukubaleka kuleli. Utholwe nepasi likamngani wakhe kwaphinde kwatholwa umaki wasesibhedlela osegameni lengane,” sisho kanje.
Kuphinde kwahlaluka ukuthi lo wesifazane uchazile ukuthi wangena kuleli ngokungemthetho ngo-2022. Washiya ingane eneminyaka engu-11 neneminyaka emihlanu ubudala eLesotho, ukuze azofuna umsebenzi kuleli.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe owesifazane uboshiwe ngamaphoyisa aseVerulam.
“Owesifazane oneminyaka engu-31 ubudala ongowokufika kuleli, uboshiwe ngecala lokulahla ingane ngemuva kokutholakala kwengane yentombazane esanda kuzalwa enkabeni yedolobha laseVerulam, ngeSonto.
“Ingane itholwe yilungu lomphakathi elabikele amaphoyisa yabe isiphuthunyiswa esibhedlela ukuze iyobhekwa. Umsolwa uboshwe lapho ehlala khona eHazelmere, eVerulam, kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, maduze,” kusho uNetshiunda.