IYAQONGA intukuthelo edalwe ukubuyiselwa kwelakubo kowasoconga owayengunobhala jikelele we-SACP, uMnuz Chris Hani.
Uyaveva umndeni kaHani namaqembu ezepolitiki ngokubuyiselwa ePoland (kwelakubo) kukaJanusz Waluś.
Umfelokazi kaHani, uNkk Limpho Hani, SACP, ANC ne-EFF, bathe kuyishwa ukuthi uWaluś uze wabuyela kwelakubo engakaze agonyuluke ngokubulala uHani.
UWaluś wadonsa iminyaka engu-28 ejele emva kokulahlwa icala lokubulala uHani.
Wadedelwa ngoshwele ngo-2022, isigwebo sakhe siphele ngoLwesihlanu, nokwenze ukuthi abuyiselwe kwelakubo njengoba engenawo amaphepha amgunyaza ukuthi abe kuleli.
UHani wabulawa ngo-1993 ngesikhathi elakuleli lilungiselela ukuya okhethweni lokuqala olukhululekile. Ukubulawa kwakhe kwacishe kwanyomfa amalungiselelo okhetho.
Okhulumela i-SACP, uDkt Alex Mashilo, uthe uNkk Hani kanye ne-SACP bafuna kuqalwe uphenyo ngokubulawa kukaHani.
Uthe leli khwelo balihlabe behlangene nobuholi bukahulumeni ngeledlule, lapho baziswe khona ngesinqumo sokubuyiselwa kukaWaluś kwelakubo.
UMashilo uthe ukubuyiselwa kukaWaluś kwelakubo kuwukhubazile umoya kaNkk Hani.
“Ucele ukuba angaphawuli kulolu daba kwabezindaba noma esidlangaleni. Lolu daba lumphethe kabuhlungu yena kanye nomdeni.”
Isinqumo sokuthi uWaluś adedelwe ngoshwele sathathwa iNkantolo yoMthethosisekelo ngo-2022.
Owayegwetshwe noWaluś, uClive Derby-Lewis, wabulawa umdlavuza.
UMashilo uthe bona bebefisa ukuthi uWaluś noDerby-Lewis bagugele ejele.
“Saphikisana nokuthi banikezwe ushwele owawunikezwa abalahlwa amacala odlame lwezepolitiki njengoba nakulokhu sisaphikisana noshwele onikezwe uWaluś. Unikezwa kanjani ushwele umuntu ongazange alikhulume iqiniso? Ukudedelwa kwalo mbulali kukhombisa ukuthi ezobulungiswa zibuthaka.”
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ukubuyiselwa kukaWaluś ePoland kubathunuke amanxeba angakapholi.
“Salahlekelwa umholi oqavile. Amanxeba asansonsotha namanje. Iyasithunuka eyokuthi uWaluś ubuyiselwe kwelakubo engakaze alikhulume iqiniso.”
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, uthe okubaphatha kabuhlungu ukuthi uNkk Hani ngeke aphinde alithole iqiniso eliphelele ngokubulawa komyeni wakhe.
“Ababebiza uHani ngeqabane labo badedele umbulali owamsoconga ngesihluku. Okubuhlungu ukuthi kunabaholi abahambe bethi bazi izimfihlo ngetulo lokusoconga uHani kodwa abafuni ukusitshela ukuthi kwenzekani.”