BANIKELE ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukunengeka kwabo abantu bakuleli ngokwenzeke enkabeni yedolobha iTheku ngesikhathi amaBhokobhoko eviliyela nendebe yomhlaba.
NgoMgqibelo iqembu lesizwe lebhola lombhoxo belihambele izindawo ezahlukene KwaZulu-Natal, lihlanganyela nemiphakathi ukubungaza impumelelo yalo.
Lokhu, ngokwezithombe nama-video azungeza ezinkundleni zokuxhumana bekubonakala kukuhle nabantu bengangoZulu ebuya emakheni emalokishini ahlukene, bethokozela lezi zinkunzi zomhlaba.
Sisagudla khona ngaseDurban North namaBhokobhoko kodwa siyeza kulezi ndawo ezibaliwe. @IsolezweNews pic.twitter.com/5iA7vskLXp
— Xolile Junia (@XolileSports) November 4, 2023
AmaBhokobhoko adlula KwaMashu manje!
— Xolile Junia (@XolileSports) November 4, 2023
Phumani nonke! @IsolezweNews pic.twitter.com/5SZOKSw8p1
Konke, bekubonakala kuhamba kahle, kodwa konakala ekugcinine ngesikhathi indebe isifika eCity Hall, enkabeni yedolobha iTheku lapho amaBhokobhoko ethule le ndebe ngokosiko nondunankulu.
Kuthe sekuvela ithuba lokuthi umdlali waleli qembu aphakamise indebe nondunankulu, wabonakala elula isandla uSihlalo we-ANC esefundazweni, uMnuz Sboniso Duma, kwabazophakamisa inkomishi nondunankulu uNkk Nomusa Dube Ncube.
Leso senzo sikaDuma ebonakala eyiphakamisela phezulu inkomishi wasala kanjalo undunankulu, asihlalanga kahle ebantwini abaningi.
Iqembu le-EFF likhiphe isitatimende lizwakalisa ukunengeka ngelikubize ngobuqhwaga nobudlova. Leli qembu lisole i-ANC ngokuveza ubunjalo bayo ngokungakwazi ukuhlonipha abantu besifazane.
Sir Tito B @MalatjiTetelo: Le nto eyenziwe nguSboniso Duma iyichilo futhi iyadabukisa. Akayiqondi imigomo yobuholi. Kumele azinqumele ukuthi uyafuna yini ukuba undunankulu nosihlalo wesifundazwe. Uphoxe izwe lonke futhi wazifaka yena emgqonyeni kadoti.
Thabiso M Brian: Lo mfo angimazi noma unegqubu, usabhoklolo nje, nasemngcwabeni kaMntwana waKwaPhindangene wenza ezakhe nje.
Musawenkhosi @WenkhosiD: Nomusa Dube-Ncube wasala ankemile, uSiboniso Duma ungusomathuba.
Thandeka Bhunu Maphumulo: Siyayidinga incazelo njengomphakathi ukuthi ubani kanti undunankulu wethu akeze nje uDuma azoxolisa ngoba uqine kakhulu.