LEHLUKANA phakathi ithimba labaphenyi kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, abanye bekholelwa ukuthi udutshulwe owayevele esendlini, abanye bekholwa eyokuhlasela kwezigebengu.
Lokhu kuvezwe uBrigadier Bongani Gininda, eNkantolo eNkulu yasePitoli, ngesikhathi ethula ubufakazi, eholwa uMbuso.
UGininda ongumphenyi ohamba phambili kuleli cala, uveze ukuthi uye owagcina esala yedwa enkolelweni yokuthi bakhona abangena endlini, emva kokufundisisa idokodo.
Uthe phakathi kwezinto azithola edokodweni ezamenza wabona ukuthi kukhona abangena endlini, ukuvela kombiko wokwebiwa kweselula kaKelly Khumalo.
“Ngokombiko wenkampani yamaselula, kwavela ukuthi wonke amaselula ababesendlini, ayedonsa embhoshongweni owodwa, emva kwesigameko. Wonke ayedonsa embhoshongweni osesibhedlela (okwayiswa kuso uMeyiwa), kodwa iselula eyantshontshwa (kaKelly), yona yabe isidonsa embhoshongweni iMoleleki,” kusho uGininda, othe lobu bufakazi bafakazelwa nayizitatimende ezensiwa ababesendlini.
Ebalula amaphoyisa amhlamuka ngamagama, uthe uWarrant Officer Meshack Makhubu noCaptain Joyce Buthelezi, wathi yibo ababengayikholwa eyokuhlasela kwabasolwa.
Uveze ukuthi la maphoyisa amabili, agcina ekulaxaza ukusebenza naye, ngale ngokumtshela ngokusemthethweni.
“Kwavele kwahlukana inhloko nesixhanti, kwagcina kuvulwa idokodo lesibili, u-375 ngo-2019,” kusho uGininda.
Uthe kwathi ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi leli dokodo lavulwa uMakhubu.
Eqhubeka nokubalula ezinye zezinto ezamenza wabona ukuthi kukhona abasolwa abangena endlini, kwaba ukungatholakali kolibofuzo lwababesendlini esigqokweni okuthiwa sawa kumsolwa.
Uveze ukuthi ne-tracker yemoto kaLongwe Twala yaveza ukuthi wasuka nababesendlini walibangisa esibhedlela.
“Nesibhamu sikaSello Twala (uyise kaLongwe owayesendlini), sathi uma sihlolwa, kwatholwa ukuthi asihambisani negobolondo lenhlamvu elatholwa endlini,” usho kanje.
UBrig Gininda uthe wake wezwa ukuthi uMnuz Hlophe wathi watshelwa Tumelo Madlala (ongumngani kaSenzo owayesendlini) ukuthi uSenzo wadubuleka ngephutha kodwa lokhu uTumelo wakuphika.
Ubuye waveza ukuthi ngesikhathi ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya evuma icala, waze waveza nokuthi bona bambulala uMeyiwa, bethengwe intombi yakhe uKelly.
“Lokhu wakusho esiteshini samaphoyisa eVosloorus, ngaphambi kokuba adluliselwe kuColonel Mbotho,” kusho uGininda.
Uthe lokhu kuvuma icala, kwahambisana nokukhomba kwakhe indawo yesigameko, athi uSibiya wathi, yize engeke alazi ngekhanda ikheli lendawo yesigameko kodwa angakwazi ukuyibona, nowakwenza ngempela ngesikhathi kuthiwa akayoyikhomba.
Icala liyaqhubeka namuhla.