USATHUKILE umndeni wowesilisa oshonele emsebenzini kulandela isiphepho esikhahlameze izindawo ezehlukene eRichards Bay ngoMsombuluko.
UMnuz Petros Khumbane (53) ongumnikazi wenkampani yokwakha iPetros Alfred Construction ucindezelwe wudonga lwesakhiwo abebesakha eMpangeni, oluwe ngenxa yemvula enamandla ebiphelezelwa ukuduma kwezulu nomoya. Kule ndawo, kulimale kanzima nabanye abasebenzi ababili, okuthiwa basesimeni esibucayi esibhedlela.
Indodana yakhe, ebikhona ngesikhathi kwenzeka umonakalo, uMnuz Alfred Mjadu, ithe isiphepho esiholele ekushoneni kukayise asithathanga ngisho ihora.
“Bekungabo-4 ntambama ngesikhathi siqala siqaphela ukuthi izulu liyashintsha. Ubaba uyalele esisebenza nabo ukuthi asiqoqe amathuluzi okusebenza sihambe,” kusho uMjadu.
Uthe bebesematasa bewasha amathuluzi budebuduze nalapho obekusetshezwa khona ngesikkhathi iqala ina imvula enamandla.
“Sibaleke sayokhosela ndawana thizeni khona esakhiweni. Kuthe kusenjalo sezwa umsindo omkhulu wento ewayo, sabona kuphephuka uphahla lwaseSpur. Sithe sibona kwaphephuka amathoyilethi angomahamba nendlwana,” kusho uMjadu.
Uthe emva kwalokho baqaphele ukuthi udonga lwesakhiwo abebesakha seluwile.“Siphuthume saya khona ngoba ilapho ubaba ebesale ngakhona nabanye abasebenzi ababili. Sifike sekonakele ngoba bese becindezewe udonga, sathi uma sifuna usizo oluphuthumayo kwatholakala ukuthi ubaba usethule, uphuke inqwaba yamalungu omzimba,” kusho yena.
Uthe oyedwa wabalimele ubenyakaza kodwa engakhulumi, owesibili ephuke kwesingezansi.
“Sithukile. Akekho obecabanga ukuthi imvula ene isikhathi esincane kangaka ingadlula nomphefumulo womuntu,” kusho uMjadu.
IMeya kaMsipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, ihambele izindawo ezehlukene ezikhahlamezekile khona izolo.
UNgwezi udlulise amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe yilungu lawo.
“Sifisela nabanye ababili abalimele ukwelulama okusheshayo. Sithi uNkulunkulu akabaqinise abakwaMjadu abadlulelwe yilungu labo lomndeni,” kusho uNgwezi.
Uveze ukuthi ziningi izindawo ezikhahlamezekile.
“Phakathi kwazo kukhona imizi yabantu kanye namabhizinisi,” kusho uNgwezi.
Uthe izindawo ezishayeke kakhulu iMpangeni, isikhumulo sezindiza, nesiteshi samaphoyisa saseMpangeni.
“Kuze kwathinteka ngisho ijele lethu iQalakabusha. Sinxusa izinhlaka ezibhekela ezokuphepha kuhulumeni ukuthi zingenele,” kusho uNgwezi.
Uthe nabo sebeqalile ukubheka izinhlelo abazozenza ukulungisa umonakalo okukhona kuzo nokulungisa udaba lwesikhumulo sezindiza esikhahlamezekile, nathe ukuhamba kwezindiza kusona, kuzoke kuthi ukumiswa kancane.
Uphethe ngelithi bayazi futhi nokuthi ingqalasizinda kagesi ezindaweni ezifana neMandlazini, nayo ikhahlamezekile, wathembisa ukuthi bazoyilungisa.