USIHLALO wenhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) eThekwini, kanjalo naseNingizimu 1 Bongani Nzuza, uphosele uhulumeni waKwaZulu Natal, inselelo yokuthi ubhukule ulungise izinkinga ezidala uthuthuva kule mboni.
UNzuza oseyinkunzi emidwayidwa embonini yamatekisi KwaZulu Natal ukhuleme kanjena ngesikhathi kunomcimbi wakhe omkhulu wokubungaza ukuhlanganisa iminyaka engu-74, edla anhlamvana.
Umcimbi owubukhazikhazi ubuseTwelve Oceans Hotel, eDoonside. Ubuhanjelwe ngamalungu omndeni, izihlobo abangani kwase kuphuma kakhulu nalabo anabo embonini yamatekisi.
UNzuza uveze ukuthi usehambe ibanga elide kakhulu kule mboni. Wathi ngesikhathi engena yena ngeminyaka yawo-70, izinselelo zaziningi nemali ingeningi ngokungako. Uthe uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi uhambe naye ibanga elide kangaka ngoba namanje usayibambile kuyona le mboni
Uthe iqiniso elimsulwa ukuthi amadoda ayakwazi ukubeka isinkwa etafuleni ondle imindeni ngaleli bhizinisi. Wagcizelela ukubaluleka kokuba lihlonishwe futhi yonke into ethinta lona yenziwe ngendlela efanele.
Wathi noma kunjalo kodwa uhulumeni kusamele ubhukule kube khona izinto azilungisayo ukuze kugwemeke uthuthuva olungesidingo.
Eqhulwini ukhulume ngodaba oselukhunywe isikhathi eside lwezimvume zezimoto okumele zihambe emgwaqweni. Uthe ukholwa ukuthi kusamele luhlalelwe phansi uhulumeni nabemboni lubhungwe kahle ukuze lungabi nazihibe.
''Ngikholwa ukuthi uhulumeni awenzi ngendlela efanele uma kukhulunywa ngodaba lwezimvume zezimoto. Uma kungalunga lokho nje kuqala kuningi okungagwemeka nokungabonakala kuhamba kahle kakhulu ngaphakathi embonini yamatekisi,'' usho kanjena.
Loyo oyiPhini likaNzuza kwinhlangano i-EThekwini Metro Tax Council (EMTC) uMnuz Yusuv Khaliva umethulele isigqoko uNzuza.
Umncome kakhulu wathi ungumholi omayo entweni futhi akavamisile ukuguquguquka."Ukukhuluma iqiniso nje imboni yamatekisi iyabadinga kakhulu abantu abafana noNzuza. Lapha sikhuluma ngomholi osho into njengoba injalo futhi ongaqhathi abantu,'' esho.
Umncomile ngokuba umholi onezimpande zakhe ezigxilile kakhulu emndenini wakhe. Uthe kuningi kakhulu okungafundwa ngabanye abaholi kuNzuza.
UMnuz Phumlani Mfeka odume ngelikaNana uthe, akazi nokuthi angaqala kuphi uma engakhuluma ngeqhaza likaNzuza kweyakhe impilo.
Udalule ukuthi wayekade engumshayeli wamatekisi uNzuza wamcathulisa wagcina naye esengenile embonini yamatekisi. UNzuza uhlaba umkhosi nje sekuke kwaba neziwombe ebezishiya abagibeli besele dengwane emarenki amakhulu akhele iTheku. Kungagcini lapho osomatekisi babhekana ngqo namaphoyisa befuna kukhishwe imoto zabo ezisuke ziboshiwe.