KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuthi singase sixazululeke maduze isiteleka sabasebenzi baseTransnet esesidonse izinsuku eziyisishiyagalombili, njengoba sekungenele oNgqongqoshe abathathu owezoLimo, amaBhizinisi kaHulumeni nowezemiSebenzi.
KULOKOZA inhlansi yethemba yokuthi singase sixazululeke maduze isiteleka sabasebenzi baseTransnet esesidonse izinsuku eziyisishiyagalombili, njengoba sekungenelele oNgqongqoshe abathathu owezoLimo, amaBhizinisi kaHulumeni nowezemiSebenzi.
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe wezoLimo, uNkk Thoko Didiza, uthe benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izinyunyana nomqashi bathola isixazululo esizovuna zonke izinhlaka.
Yize engathandanga ukusho ukuthi izinyunyana sezifuna amaholo anyuswe ngamalini njengoba bezifuna u-12 no-13% kodwa uthe sezehlile futhi uyathemba ukuthi isiteleka sizoxazululeka maduze.
“Siwuhulumeni senza konke okusemandleni ukuthola isixazululo sesiteleka saseTransnet. Izinyunyana iSatawu ne-UNTU sezehlile kwebezikufuna. Siyathemba ukuthi umqashi uzokwazi ukuhlangabezana nazo bese kutholakala isisombululo sesiteleka. Sikhathazekile ngemikhiqizo yezolimo engakwazi ukuhamba, kanjalo neminye esiyilindele phesheya okufanele ingene ezweni, evimbekile ngenxa yalesi siteleka,” kusho uNkk Didiza.
UNkk Didiza ubekhuluma engqungqutheleni yabalimi ebizwe yi-AgriSA eGoli.
Umengameli we-AgriSA, uMnuz Jaco Minaar, uthe bayathemba ukuthi uhulumeni uzokwazi ukuhlanganisa zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze kuxazululeke isiteleka saseTransnet.
Uthe abalimi bakhathazekile ngomkhiqizo wabo ozoba echwebeni nasemalolini, abale kuwo ama-orintshi, ummbila, amagrebhisi nama-berries.
“Siyafisa isixazululo sisheshe sitholakale ngoba umkhiqizo wethu uzobola. Sikhathazekile nangokuthi uzofika nini umanyolo, u-oyela neminye imikhiqizo esiyithenga phesheya. Siyacela zonke izinhlaka zizame ukuhlala phansi kutholakale isisombululo,” kusho uMinaar.
ITransnet isibeke isiphakamiso sokunyusa amaholo ngo4.5% kuya ku-5.3% iminyaka emithathu kodwa izinyunyana bezisinqabile lesi siphakamiso. Izingxoxo ziyaqhubeka ngaphansi kweso le-CCMA.