UMA ungeneme ngemiphumela yakho ka-matric, ucabanga ukuthi kabalenzanga iqiniso, zikhona ezinye izindlela ongazenza ukuze ugcine wenelisekile.
Kulezi zindlela kufaka ukuthi ucele ukuphinde umakelwe kabusha izifundo zakho, noma ufune ukubona iphepha olibhalile ukuthi limakwe kanjani.
Ngokolwazi olukhishwe nguMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uma ufuna ukubheka ukuthi iphepha limakwe kanjani, noma ufuna ukulibona lonke lelo phepha olibhalile kuzokudla u-R230. Uma ufuna ukumakelwa kabusha kubiza u-R120.
Izicelo zokwenza lokhu zivulwe namhlanje kanti kuvalwa emva kwezinsuku eziyisikhombisa kudedelwe imiphumela ka-matric.
Ulwazi luveza ukuthi imiphumela yokuphinde umakelwe kabusha izokhishwa ngoMashi 7, 2025. Le miphumela izotholakala esikhungweni obhalele kusona.
Kulabo abafuna ukuphucula izifundo zabo, bangafaka izicelo zokuthi babhale izivivinyo zokuchibiyela ezingoMeyi/Juni nonyaka.
Usuku lokuvala ukufaka izicelo zokuphinde ubhale uFebhuwari 7.
Labo abangakwazanga ukubhala izivivinyo zabo ngoNovemba nyakenye, ngenxa yezizathu ezehlukene, nabo bazofakwa ohlelweni lokuthi babhale ngoMeyi/Juni.
“Abangabhalanga kumele balethe ubufakazi obukhomba ukuthi ababhalanga ngenxa yokuthi babegula, kwakushoniwe ekhaya noma ezinye izizathu ezinqala. Ukuze babhalise kumele babe namamaki aziwa nge-School Based Assessment (SBA),” kusho umnyango.
Nalabo ababhala u-matric omdala, kusuka ngo-2008 kuya manje, abafuna ukuphucula imiphumela yabo, basenalo ithuba lokwenza lokhu ngokuthi babhale ngoMeyi/Juni nonyaka.
Abafuna ukuphinda u-matric ngokugcwele bangabhalisa ezikoleni uma kungukuthi baneminyaka engaphansi kuka-21.
Kumele abhalise izifundo eziyisikhombisa, kubalwa ne-Life Orientation.
Bangabhalisa njengomuntu ophindayo kwi-Public Adult Education Centre.
Bangaya ngisho emakolishi amakhono angu-50 kuleli.