UKUBUYA kukaNobhala Jikelele weMK, uMnuz Arthur Zwane, kudale omunye uginqigonqo kule nhlangano eholwa owayengumengameli, uJacob Zuma.
Ungqimphothwe oshaywe uZwane udale ukuthi kugudluzwe uDkt Sifiso Maseko, obengakaqedi namasonto amabili engenile esikhundleni sikanobhala jikelele.
UMaseko wayeqokelwe kulesi sikhundla ekupheleni kwenyanga eyedlule, kulandela ukushiya kukaZwane.
Ukushiya kukaZwane kwaba indida njengoba kwaqale kwavela incwadi yokuthi uyasula, kwabuye kwavela eyokuthi ususiwe esikhundleni.
Incwadi yokususwa kukaZwane esikhundleni ebisayinwe uZuma, yabhalwa ngoJuni 28. Neyokuqoka uMaseko nayo yabhalwa ngawo uJuni 28.
Kule ncwadi uZwane wakhala ngomsebenzi omningi, wathi ufuna ukugxila emabhizinisi akhe.
Kuqubuke ingwijikhwebu izolo ngesikhathi iMK imemezela ukuthi uZwane ukhuza ibuya.
I-MK imemezela ukubuya kukaZwane nje, ubese ke wabonakala ehamba noZuma.
Ngempelasonto, uZuma noZwane bebebonakala bencokola ngesikhathi behambele eBuhleni.
Khona lapho kuphinde kwaputshuka i-video kaZuma lapho ebekhala khona ngomuntu athe uhambe exosha abantu.
“Bonke laba bantu okuthiwa baxoshiwe abaxoshiwe,” kuzwakala kusho uZuma kule video emfishane.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uZuma akazange akwemukele ukwesula kukaZwane.
“UZuma noZwane babe nomhlangano, lapho bexoxe khona eyokubuya kukaZwane. Ngingasho ukuthi uZwane usebuyile.”
UNdhlela uthe okwenze ukuthi uZuma angayivumi eyokushiya kukaZwane ukuthi iqembu lilungiselela ukwenza kahle okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.
“Emhlanganweni wokucobelelana ngamasu esasiwubambele eLimpopo, savumelana ngokuthi kufanele sihlale sihlomile. Savumelana ngokuthi kufanele siqinise izinhlaka zeqembu njengoba kuzokuba nokhetho. Sinxusa abantu baqhubeke nokweseka iMK.
“Sisembhidlangweni wokulwa nohulumeni wokubambisana we-ANC neDA. Sibhekene nomsebenzi omkhulu wokuqapha ukusebenza kwahulumeni ongabanakile abantu abamnyama.”
UNdhlela uthe uMaseko usezophatha uphiko lwakwandaba zabantu.
Sekuyinto ejwayelekile ukugudluzwa kwabaholi kwiMK.
Ngesikhathi kushiya uZwane, kwaphinde kwavela nencwadi yokuxoshwa kowayengumgcinimafa, uMnuz Danisa Zulu.
Esikhundleni sikaZulu kwaqokwa uMnuz Menzi Magubane.
Owabhalisa iMK ngokusemthethweni, uMnuz Jabulani Khumalo, wakhonjwa indlela nabanye ababesethimbeni lesikhashana elalihola iMK kuzwelonke.
Kwaphinde kwadilizwa owayedidiyela iMK KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Ngidi, nowayehola uphiko lwentsha enhlanganweni, uBonginkosi Khanyile.