UMGCINIMAFA we-ANC KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba, unxuse amalungu enhlangano ukuba angavumi ukuba izincelebane zabaholi.
UMahlaba uthe amalungu e-ANC kufanele apheze ukulwa izimpi zabaholi angahlangene nazo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC abehambele umhlangano wokuvuselela kabusha le nhlangano, obuseNewcastle.
Sekuwumkhuba ojwayelekile kwi-ANC uma kubhekwe ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi ukuba amalungu enhlangano agxibhe abaholi asuke engafuni ukuthi bakhethwe.
Kulo nyaka nasekuqaleni konyaka ozayo i-ANC izokuba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi ezifundeni okubalwa kuzo iTheku, neMoses Mabhida.
Kulindeleke ukuthi bathelane ngodaka abazobe bencintisana ngezikhundla kulezi zingqungquthela.
UMahlaba uthe umkhuba wokusetshenziswa kwamalungu ukuba alwe izimpi zabaholi awumuhle.
Uthe amalungu e-ANC kufanele abeke phambili inhlangano, angavumi ukuba yimikhovu yabaholi abalwela izikhundla.
“Lento ngeke sikwazi ukuyenza uma singezokukuqonda ukuthi singamalungu e-ANC ngaphambi kwenye into. Uyabona uma sisazoba amalungu amanye amalungu, sizoba nenkinga. Uzothi uhleli lana, uthole umyalezo bafune ukukusebenzisa ukulwa izinkinga zabo. Bazofuna kube nguwena olwa izinkinga zabo kulaba bantu abahleli lana. Ningavumi, mntwana wasekhaya, ungavumi, ngiyala nawe. Uma bethi bayasondela, ungavumi.”
UMahlaba uthe kokunye amalungu e-ANC abuye adukiswe oXovizwe abahambe bebatshela ukuthi abaholi abathile abazwani.
“Abanye nje bahlezi bekhuluma besho ukuthi abaholi abathile abazwani. Uma sekuhlangenwe, sebesibona sizixoxela bese beyazibuza ukuthi kanti iqhamukaphi lena yokuthi asizwani.
“Angithi utshelwa oXovizwe. UMnuz Oliver Tambo (owayengumengameli we-ANC) wasexwayisa ukuba sibaqaphele laba abahlezi bephehla udweshu. Okufanele sikwazi ukuthi i-ANC yakhelwe esisekelweni sobumbano.”
UMahlaba uthe i-ANC isesigabeni sesibili somzabalazo.
Uthe isigaba sokuqala kwabe kuwukuthola inkululeko, wathi esesibili ukuthola inkululeko yezomnotho.
“Angeke sithi sesiyitholile inkululeko uma singakayitholi inkululeko yezomnotho.”