UBUKEKA usekude ukuphela umdonsiswano nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwe-ANC ne-DA, njengoba i-DA ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke yehlele ngezansi ekuchitheni ukunyuswa kweVAT nakuba i-ANC isivule izandla yathi izoba nezingxoxo namaqembu ahlukene kubalwa nayo i-DA ngolwale ntela.
Lokhu kulandela ukuthi uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, eveze ukuthi ikomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC, linqume ukuthi kuvulwe izingxoxo namaqembu ayingxenye nangeyona ingxenye yeGNU, okubalwa ne-DA ngodaba lokuphasiswa kwezinye izigaba zesabelomali.
UMbalula uthe bazinike izinsuku ezinhlanu ukwenza lo msebenzi wokunxenxa amaqembu ukuthi abeseke ekuphasiseni izingxenye ezisele.
Uthe noma i-DA ingaphuma kwi-GNU, ngeke iguqe noma kuphele ngeGNU.
"Okwamanje sigxile ekutheni sixoxe namanye amaqembu ukuze kuphasiswe ezinye izingxenye zesabelomali. Kulele kwi-DA ukuthi itshele abantu bakuleli ukuthi ihlaleleni kwiGNU ngoba ayisesekanga isabelomali. Ifana nabantu abazikhiphe bona kwiGNU, kodwa i-ANC ayizokhulumela noma inqumele i-DA ngokumele ikwenze mayelana nekusasa layo kuhulumeni," kusho uMbalula ekhuluma nabezindaba izolo eLuthuli House, eGoli emuva komhlangano wobuholi obuphezulu wabaholi bale nhlangano kanjalo nowekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke.
UMbalula uthe imithetho efana nowezikole okunemvunge ngawo, iBela, owokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kanjalo neminye ayiyi ndawo.
Ngakolunye uhlangothi umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bazimisele ukubuyela ezingxoxweni ne-ANC, kodwa abajiki ekuchitheni ukunyuswa kweVAT ngo-0.5%.
"Ngeke sishintshe umqondo mayelana nokuchitha ukunyuswa kweVAT kuleli ngoba sisamile isizathu esenza saba yingxenye yeGNU, okuwukukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi. Abavoti bakubeka kwacaca ukuthi alikho iqembu elilodwa okumele linqume ukuthi izwe liya ngakuphi," usho kanje.
I-DA yaya enkantolo enkulu eWestern Cape, ifuna kumiswe ukunyuswa kweVAT kusuka ngenyanga ezayo.
UMbalula uthe bayazi ukuthi abawinanga ngamalengiso okhethweni, abadingi ukukhunjuzwa ngalokhu.
"Uma inkantolo ichitha uhulumeni odabeni lweVAT, kuzofakwa isicelo sokuthi sibuyekezwe leso sinqumo. Siyazi amaqembu amaningi kuhulumeni, amanye angekho ngisho kuhulumeni kubalwa neCosatu, SACP kanjalo nabanye kwi-ANC abahambisani nokunyuswa kweVAT. Ingakho okwamanje sifuna ukuxoxa le ndaba yeVAT," kusho uMbalula.
Mayelana nokuthi basayincengelani i-DA ukuthi ibe yingxenye ye-GNU ekubeni ingavotanga ukweseka isabelomali, uMbalula uthe abayincengile njengoba kukhona abathi ayihambe.
"Baningi abathi ayihambe ngaphakathi kwi-ANC. Hhayi ngoba simi ngayo kwiGNU, njengoba ngishilo ukuthi ingahamba, ngeke iphushwe yi-ANC."
Uthe abakwenzayo bakwenzela abantu bakuleli, ngoba abafuni izwe liwe bhu.
"Njengasodabeni lwaseMelika, sizoya koxoxa indaba yezohwebo ngoba siyayidinga iMelika. Ngeke sithi asiyidingi ngoba sinobuzwe bakuleli kuphela, sidinga izwe liphile."