UPHIKO lwabesifazane lwe-ANC KwaZulu-Natal, i-ANC Women’s League (ANCWL), luthi luyaqhubeka nomsebenzi wansuku zonke njengoba lungakayitholi incwadi yokuhlakaza ubuholi obusanda kukhethwa engqungqutheleni yesifundazwe.
UNobhala walolu phiko uNkk Zama Sokhabase, uthe bayibonile incwadi esezinkundleni zokuxhumana, okuthiwa ivela kuNobhala Jikelele walolu phiko, uNkk Nokuthula Nqala, eveza ukuthi bayachithwa abaholi abakhethwe engqungqutheleni.
Kwaba nokuphazamiseka ekuqaleni kwengqungquthela yesifundazwe, kwakhalwa nangokuthi wobani okwakumele bavote.
UNkk Sokhabase uthe abakayitholi incwadi ephuma ophikweni lukazwelonke njengoba isabalele ezinkudleni zokuxhumana.
“Besingakatholi lutho oluvela kuzwelonke mayelana nale ngqungquthela yesithupha. Uma kungukuthi le ncwadi iyiqiniso, siyisigungu sesifundazwe sizimisele ukulandela yonke imigomo ebekwe wumthethosisekelo wenhlangano, ofaka neyokuthi simangale esigungwini esiphezulu se-ANC.”
Uthe njengoba bengakayitholi incwadi bayaqhubeka nomsebenzi wabo njengokuyalelwa yingqungquthela.
“Isigungu sesifundazwe siyazi ngokubaluleka ekutheni kulandelwe yonke imigomo yenhlangano. Sisamile ekutheni sifukule abesifazane ukuze sifeze izinhloso zenhlangano,” kusho uNkk Sokhabase.
Ngokwencwadi ephuma kuzwelonke, ubuholi besifundazwe buyalelwe ukuba bungenzi lutho oluthinta imisebenzi yophiko, yathi ubuholi obuphezulu buzotheleka esifundazweni ukuzohlangana nazo zonke izinhlaka.
Kwenzeka lokhu nje namhlanje uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, unesithangami sabezindaba lapho ezochaza ngokuvakasha kukaNobhala Jikelele uMnuz Fikile Mbalula nabaholi besigungu esiphezulu senhlangano.
Kulindeleke ukuthi akhulume nangokubhungwe emhlanganweni wezinsuku ezimbili wesigungu sesifundazwe, othinta nokusebenza kwenhlangano esifundazweni.
Sekuke kwakhalwa ngokuhluleka kwenhlangano esifundazweni ukunqoba ukhetho lokuchibiyela, ezikhathini eziningi oluthathwa yi-IFP.
Ekhuluma emhlanganweni wesifunda, iJosiah Gumede ngempelasonto, uMtolo uthe bangaphinde badle umhlanganiso uma kuhlakazwa ubuholi besifundazwe, kuqalwe phansi ukhetho.
Ukhale ngeyabaholi abakhonjwa ngentshebe wubuholi obuphezulu benhlangano, kuthiwe abengamele isifundazwe, wathi laba baholi kabahlonishwa.
“Bengitshela uDuma (S’boniso, usihlalo we-ANC esifundazweni) ukuthi sinxenxe amalungu ukuthi angavumi ukuthi alalele umuntu ongakhethwanga. Uzoze ukhulume nje iyiphi ingqungquthela ekukhethile?” kubuza uMtolo.