IMIFELANDAWONYE yezinyunyana ithi uhulumeni kufanele aqinise isitilobho ezinkampanini ezizimele ukuba zize noguquko njengoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi izikhundla eziphezulu zisaphethwe ngamadoda abelungu.
Kulolu cwaningo olwenziwe wuMnyango wezemiSebenzi, kuvela ukuthi u-61% wezikhundla eziphezulu uphethwe ngabelungu, u-11.6% wazo uphethwe ngamaNdiya, AmaKhaladi aphethe, u-6.1% bese abaMnyama baphathe u-17.2%.
Kuthiwa abamnyama baphethe u-17.2% wezikhundla eziphezulu yize u-80% wabasebenzi abaqashwe emazingeni aphansi umnyama.
Kuvela ukuthi ezinkampanini ezizimele ezikhundleni zokuphatha amadoda amhlophe aphethe u-48% wazo, kulandele abesifazane abamhlophe ngo-13% kugcine amadoda amnyama ngo-10%.
Kubuye kwavela ukuthi izinkampani ezizimele yizona eziqashe kakhulu abantu bokufika.
UMnuz Trevor Shaku obhekelele ezokuxhumana, kwiSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uthe kuyishwa ukuthi abantu abamnyama nabesifazane yibona abaningi futhi abenza umsebenzi onzima kodwa bayingcosana ezikhundleni zokuphatha.
“Uhulumeni kufanele azithathele izinyathelo izinkampani ezizimele ezingazimisele ukuletha uguquko ezikhundleni zokuphatha. Uguquko siyalubona kuhulumeni kodwa asiluboni ezinkampanini ezizimele. Kufanele zihlawuliswe izinkampani ezingazimisele ukunika ababencishwe amathuba ithuba lokuphatha,” kusho uShaku.
Uthe bazolwa nalezi zinkinga zokungabikho koguquko futhi bafuna ne-National Minimum wage inyuke ibe wuR72 ngehora ukuze umsebenzi ohola kancane athole uR12 000 ngenyanga.
UMnuz Matthew Parks weCosatu uthe kuyaphoxa ukuthi emuva kweminyaka ewu-30 izwe libuswa ngentando yabantu kusenezinkampani ezingafuni ukuthi ebuholini bazo kube nazo zonke izinhlanga zakuleli.
Uthe izinkampani ezingenalo uguquko kufanele zibe namahloni bese zijeziswa ngendlela efanele.
“Kuyaphoxa ukuthi amadoda abelungu asahleli ezikhundleni eziphezulu yize enza isibalo esiwu-4% sabantu bakuleli. Uguquko lukhona kuhulumeni kodwa ezinkampanini ezizimele asiluboni. Siyazi nasePhalamende ukuthi iDA, Action SA ne-FF+ ngamaqembu angahambisani nokuthi ababencishwe amathuba banikwe izikhundla zokuphatha. Sibona amadoda abelungu esaphethe emkhakheni wezezimali, emabhange, kwimishwalense, ezimayini nakwezokuvakasha,” kusho uParks.
Uphethe ngokuthi uma uhulumeni ezimisele ngokuletha uguquko akufanele ukuthi agcine ngokwenza ucwaningo kodwa kufanele ajezise izinkampani ezingawulandeli umthetho.