Alifunanga nokuyingena eyesicelo sokubuyekezwa kwendlela okumenyezwa ngayo izinombolo zabathintekayo ecaleni lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ijaji ngoLwesithathu.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi u-Advocate Sipho Ramasepele, ongummeli kammangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi, ecela ukuthi zingabe zisamenyezwa ngokuphelele izinombolo zabathintekayo.
“Emva kokuvezwa kwezinye zezinombolo izolo, kukhona isiphukuphuku esishayele ucingo unina kammangalelwa wesihlanu, sakhuluma ubuphukuphuku,” kusho uRamasepele.
Uqhube wathi lolu daba bake bathi ukulumana ngalo indlebe nabashushisi bengabameli, bebeka umbono wokuthi kuzofanele kushiwo kuphela izinombolo ezine ezingasekugcineni kwenombolo yeselula.
“Bese kuthi amagama abanikazi bazo, angagagulwa nhlobo, kushiwo njekuphela ukuthi le nombolo ekalowo ovela ku-index number 1, ngenza isibonelo. Thina sizobe sesazi ukuthi kushiwo bani,” kwengeza uRamasepele.
IJaji uRatha Mokgoatlheng liphendule ngelithi: “Cha, cha, cha, ngeke ngikwazi ukuvumela lokho, ngoba ngizophinde ngisolwe ngokwenza umathanda wami enkantolo.”
Uqhube wathi ubufakazi okufanele buvezwe enkantolo, kufanele buvezwe.
“Ukuthi ubani okhetha ukuthatha olunye lolwazi oluvela la (enkantolo) alwenze lokho akuthandayo, okwakhe lokho. Akusikho okwenkantolo, inkantolo ayihlangene nalokho,” kusho uMokgoatlheng.
URamasepele ugcine esethi uma inkantolo ibona kanjalo ayikho inkinga.
Ufakazi ophambi kwenkantolo njengamanje, uNksz Pinky Vythilingam, oyisikhulu senkampani yamaselula, iVodacom, uqhubekile nokwethula ubufakazi bakhe obuthinta izinombolo zamaselula eholwa umshushisi woMbuso, u-Adv Ronnie Sibanda.
Kuyiwe ekhefini leyitiye, kwathi uma kubuywa, umshushisi woMbuso, u-Adv George Baloyi, wacela inkantolo ukuthi iguqe ize ibuye namuhla.
Uthe wenza lesi sicelo ukuze uMbuso uzokwazi ukugaya obunye ubufakazi obuthunyelwe ngobuxhakaxhaka bamakhompyutha ukuze bube semaphepheni bese bedluliselwa kubameli.
Uthe lobu bufakazi bumayelana nemibhoshongo okuthiwa kwakudonsa kuyo amaselula abamangalelwa, wathi buqukethe ulwazi lokuthi iqhelelene kangakanani, wathi buphinde bucacise ukuthi umbhoshongo ngamunye uqhelelene kangakanani nendawo yesigameko okwabulawa kuso uMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe engumculi, uKelly Khumalo ngo-Okthoba 2014.