KUZOVUSELELWA kabusha isigodlo seSilo uShaka kaSenzangakhona KwaBulawayo, eShowe.
Isigodlo saKwaBulawayo sinomlando ojulile njengoba kunedolobha eliqanjwe ngaso ezweni elingumakhelwane, iZimbabwe.
Umbhidlango wokuvuselela kabusha isigodlo seLembe uzoqhutshwa izinhlaka zikahulumeni ezahlukene kanye nenhlangano yokugcinwa kwamagugu, i-Amafa Research Institute.
Ngeledlule izinhlaka ezithintekayo zibe nomhlangano nabaNtwana baseNdlunkulu kaZulu, lapho kubhungwe khona ngezinhlelo zokuvuselelwa kabusha kwesigodlo.
UMphathiswa wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe kuyabakhathaza ukubona isigodlo sisesimweni esingagculisi.
“Umuzi wenkosi lona udume umhlaba wonke. Uzokhumbula ukuthi eZimbabwe kunedolobha elikhulu okuthiwa kuKwaBulawayo. Lokhu kungenxa yokuthi uMzilikazi kaMashobane kwathi uma ebalekela izono zakhe lapha waze wayofika eZimbabwe.
“Wabe eseqamba umuzi wakhe ngokuthi kuKwaBulawayo, ngenxa yokuthi wayekhumbule ekhaya. Bathi-ke abaseZimbabwe uma sebecosha inkululeko babe sebeqamba idolobha ngokuthi kuKwaBulawayo. Kodwa akusiwo uBulawayo wangempela loya, uBulawayo wangempela ulapha. Kuyasihlaza ukuthi uBulawayo uhlonishwa kangaka emhlabeni kodwa lapha awunakiwe."
UKhawula uthe izinhlaka zikahulumeni okukhona kuzo uMasipala iKing Cetshwayo noMasipala waseMlalazi zizobambisana embhidlangweni wokuvuselela isigodlo.
“Kukhona esesiqalile ukukwenza. Siyabheka ukuthi ikuphi lapho okonakala khona nokuthi sizobambisana kanjani ukuya phambili. Izinhlaka zikahulumeni zizoqoqa izinsiza zokusebenza bese siqhubeka nomsebenzi.”
UMntwana omkhulu waseHabeni uSiyanda Zulu, uthe kubajabulisile ukuqala kwemizamo yokuvuselelwa kabusha kwesigodlo seLembe.
“Le ndawo isemehlweni abantu abaningi okungagcini nje lapha KwaZulu-Natal kuphela. Siyasibona ke isimo sala ukuthi njengamanje asisihle kangakanani. Isimo asihambisani nombumbi wesizwe samaZulu, asikho ezingeni leLembe, okuyilona esaziyo ukuthi libaluleke kangakanani emlandweni kaZulu.”
UMntwana uSiyanda uthe banethemba lokuthi ukuvuselelwa kwesigodlo kuzofukula umnotho wendawo.
Uthe umlando wesigodlo saKwaBulawayo unothe udlula ngisho ingcebo embiwa phansi.