UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzosungula uhlaka oluzokwenza kube lula ukuthi izinhlaka ezehlukene zikwazi ukubhunga kabanzi ngokungenziwa ngodaba lokuguquguquka kwesimo sezulu.
Lokhu kudalulwe nguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli esithangamini sabezindaba ngoLwesine.
UNtuli uthe akungatshazwa ukuthi umthelela wokuguquguquka kwesimo sezulu awuseyona nje inganekwane kodwa uyinto eyenzeka ngempela.
Wathi siphelile isikhathi sokuthi benze sengathi konke kuhamba ngendlela eyejwayelekile.
UNtuli uchithe isonto lonke eNew York, ngasekupheleni kukaSepthemba, lapho bekuhlangene abaholi bezinhlaka ezehlukene emhlabeni jikelele ukuzobhunga ngokufanele kwenziwe ngokuguquguquka kwesimo sezulu.
Phakathi kwezinyathelo athe isifundazwe sizozithatha, ukusungula iKwaZulu-Natal Climate Change and Sustainability Council ezoba yinkundla yokuxoxisana kwezinhlaka ezehlukene ngokuguquguquka kwesimo sezulu.
Uthe lolu hlaka bazolwethula emasontweni amane ezayo.
Wathi kulona kukhona uhulumeni wesifundazwe, ubuholi bomdabu, iSouth African Local Government Association (SALGA), uhulumeni wamazinga aphansi, izinhlangano ezizimele, ezomphakathi, abamabhizinisi, abezindaba, abezemfundo nongoti.
“Sizoba nezingxoxo lapho sizobiza zonke izinhlaka ngaphansi kophahla olulodwa, ukuze siqhamuke nezisombululo ngokubambisana esifundazweni,” kusho uNtuli.
Uthe kuwumsebenzi wabo ukuhlanganisa kahle izisombululo ezizodala ukuthi unciphe umthelela omubi wokuguquguquka kwesimo sezulu.
Uthe izisombululo zabo zizohambisana nokushicilelwe emthethweni osanda kucikicwa nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, iClimate Change Act 22 of 2024.
“Lo mthetho uyigxathu elifanele elithathwe yizwe ukuzibandakanya emizamweni yokunciphisa umonakalo odalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu,” usho kanje.
Uthe isifundazwe kufanele sizilungiselele kunoma yini engenzeka, phakathi kokunye, wabala ukulungiswa kwezitamkoko, kuqikelelwe ukuthi zisebenza ngendlela efanele.
“Siyagcizelela nakubaholi bomdabu ngokubaluleka kokubeka abantu ezindaweni eziphephile, bagweme ukubabeka ezindaweni eziyingozi njengaseduze kwemifula,” kweluleka uNtuli.
Ugqugquzele abantu ukuthi bazithathele phezulu izexwayiso ezikhishwa ngabesimo sezulu ukugwema ukuzifaka ebungozini.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal, siyisibonelo esifanele uma kuziwa odabeni lokuguquguquka kwesimo sezulu.
Siphuma ezikhukhuleni ezadlula nemiphefumulo yabangaphezu kuka-450 ngo-2022.
Ngemva kwalokho sibe nezinye izikhukhula ebezishiya kukhalwa ezindaweni ezehlukene.
Muva nje oThongathi kuke kwaba nesiphepho esaphephula inqwaba yemizi kanti emasontweni amabili edlule, kube nenqwaba yezimoto ezivaleleke emgwaqweni uN3 noN11, izinsuku ezimbili kuhlasele iqhwa.