KUZOQINISWA ezokuphepha emizini yamakhosi aKwaZulu-Natal osekuhlonzwe ukuthi asengcupheni yokusocongwa.
Isinqumo sokuba kuqiniswe ezokuphepha emizini yamakhosi sithathwe emhlanganweni obuphakathi kukaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, kanye nobuholi bendlu yomdabu esifundazweni.
Kulo mhlangano obuseMgungundlovu, ngoLwesihlanu, kuvunyelwane ngokuthi kusheshiswe ukuqiniswa kwezokuphepha emizini yamakhosi asongelwayo.
Phakathi kwezinto okuzothuthukiswa ngazo ezokuphepha emizini yamakhosi kubalwa ukufakwa kwamakhamera, amalambu kagesi amade, ukubiya, nokokulekelela ukudonsa kwamaselula emizini yamakhosi.
Umbiko ukhombisa ukuthi amakhosi angu-14 asengcupheni yokusocongwa.
UNkk Sithole-Moloi uthe amathimba omnyango azoqala ukwenza umsebenzi kulo leli sonto.
“ Sivumelane ngokuthi siyofaka amalambu kagesi amade emizini yala makhosi osekubonakele ukuthi izinga lokusatshiswa nokusongelwa kwawo liphezulu kakhulu, awu-14 la amakhosi. Sizoqala ngawo, kodwa lokho akusho ukuthi sizogcina ngawo. Sizoqhubeka nohlelo.
“Sizofaka amakhamera, siphinde sifake ne-Wi-Fi. Asifuni ukuthi kuthi noma kufika abantu, inkosi ayikwazi ngisho nokufona ngenxa yokuthi i-network ayikho. Uma kuqala isonto amathimba azobe eyobheka lapho kuzosetshenzwa khona.”
UNkk Sithole-Moloi uthe bakhathazekile ngokusocongwa kwabaholi bomdabu esifundazweni.
Uthe kusukela ngo-2019 sekusocongwe amakhosi angu-12 nezinduna ezingu-43.
Mumva nje kusocongwe inkosi uSiphamandla Khumalo, nondlunkulu wayo, uMaDlamini Khumalo.
Ukusocongwa kwabo kuza emva kokubulawa kwabanye abaholi bomdabu.
UNkk Sithole-Moloi uthe uMnyango uzama konke okusemandleni ukuvikela abaholi bomdabu.
“Siyazama ukweseka ubuholi bomdabu. Siyazi ukuthi kuningi abakufunayo, kodwa kancane kancane siyasondela. Endabeni yokubiya sisazoya kokhuleka kundunankulu, asandisele umthamo. Siyawanxusa amakhosi asendlunkulu ukuthi asibekezelele. Siyathembisa ukuthi njengoba sesiqalile ukusebenzisana nawo, sizozama ukufinyelela kuyo yonke indawo.”
Usihlalo wendlu yabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, inkosi Sifiso Shinga, uthe banelisekile ngokwethulwe uMnyango emhlanganweni.
“Ukuhlaselwa kwamakhosi kwenzeka kakhulu emizini yawo. Lezi zaba eziqhamuka noMnyango zizokwelekelela.”
UShinga uthe balindele ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, enze esinye isimemezelo ngodaba lokuvikelwa kwabaholi bomdabu.