KUZOPHELA amaphupho ngozohola i-ANC njengoba kuqala ingqungquthela ebhekwe ngabomvu eNasrec, eGoli, kusasa.
Umbango wokuhola le nhlangano eneminyaka engu-110 yabakhona, uphakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa ofuna ukuthatha ihlandla lesibili njengomengameli noDkt Zweli Mkhize oke waba ngumgcinimafa wale nhlangano kanjalo nongqongqoshe wezeMpilo.
URamaphosa uya kule ngqungquthela nje, kunefu phezu kwekhanda lakhe ngodaba lokutholakala kwemali engamaDola ishuthekwe kwifenisha epulazini lakhe iPhala Phala, eLimpopo, ngo-2020.
Nakuba evunwe yizibalo zamalungu ePhalamende avote ukuthi kungaqhutshekwa nophenyo lwePhalamende mayelana nendaba yale mali eyatholakala, kodwa amaqembu aphikisayo afunge agomela ukuthi azoqhubeka aliphenye ibheshu, afune izimpendulo ngokwenzeka njengoba kumele kube necala abhekana nalo ngokutholakala kwale mali angazange abike ukuthi enye yayo yebiwa.
UMkhize uthwelwe ngeqoma yizifundazwe iKwaZulu-Natal nophiko lwentsha. Kwezinye izifundazwe, umkhankaso wakhe ububukeka ukhula njengoba ehambele izifundazwe ezehlukene.
UDkt Nkosazana Dlamini Zuma noNksz Lindiwe Sisulu, ngabanye babaholi abasanethemba lokuthi bazothola ukwesekwa njengoba besembangweni wokuhola le nhlangano esikhundleni sikamengameli.
Kwesephini likamengameli wenhlangano umbango uphakathi kukaMnuz Paul Mashatile, onguMgcinimafa nebamba likaNobhala Jikelele njengoba kwadingeka ahoxe uMnuz Ace Magashule ngoba kukhona amacala asawahamba ngesikhathi esangundunankulu waseFree State.
UMashatile ubanga noMnuz Ronald Lamola kanti kunelinye igama lesithathu elivelayo kulo mbango likaMnuz Oscar Mabuyane, uSihlalo we-ANC e-Eastern Cape.
Akukacaci ngokuthi kuzokwenzakalani ngoMnuz David Mabuza, iPhini likaMengameli we-ANC nezwe njengoba igama lakhe lingaveli kwaphakanyisiwe.
Kwesikasihlalo kazwelonke kubanga uMnuz Gwede Mantashe onguSihlalo wale nhlangano, noMnuz Stan Mathabatha onguSihlalo we-ANC eLimpopo.
Kwesikanobhala kubanga uMnuz Mdumiseni Ntuli obengunobhala we-ANC KwaZulu-Natal noMnuz Phumulo Masualle wase-Eastern Cape. Kuke kwavela negama likaMnuz Fikile Mbalula kulo mbango.
Kwesephini likanobhala jikelele kubanga uNkk Nomvula Mokonyane noNksz Fébé Potgieter, imenenja ye-ANC eLuthuli House.
Kwesikamgcinimafa kubanga uMnuz Pule Mabe okhulumela le nhlangano, uMnuz Bejani Chauke kuphinde kuvele negama likaMnuz Mzwandile Masina.
Ezinye zezinguquko eziphakanyisiwe ngukuthi kwakhiwe isikhundla selinye iphini likanobhala jikelele ngoba mningi kakhulu umsebenzi.
Okugqamile ngukuthi indaba yabaholi besifazane isasilele emuva kule nhlangano nakuba imigomo yenhlangano ikubeka kucace ukuthi kumele kube nokulingana kube ngu-50/50, kodwa amagatsha ale nhlangano okuyiwo aphakamisa abaholi kubukeka eyishaya indiva eyokulinganisa ubulili ebuholini.
Nabahlaziyi bezepolitiki bake bakhala ngalokhu, bethi abesifazane basabukelwa phansi emuva kweminyaka emingaka le nhlangano yabakhona.
Ikomiti lezokhetho kule nhlangano lathi lizoqinisekisa ukuthi uma sekukhethwa amalungu azoba sesigungwini esiphezulu, izolungiswa eyokulinganisa eyobulili.
Kulindeleke ukuthi kubhekwe ezinye zeziphakamiso ezenziwa engqungqutheleni yango-2017, kwenziwe ezinye ezintsha.
Le ngqungquthela isongwa ngoDisemba 20.