ZIZONEKELWA izwe enkantolo izitatimende zabamangalelwa kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa emuva kokuthi zamukelwe njengengxenye yobufakazi obuzobhekwa uma sekuqulwa icala.
UMeyiwa owayeyintandokazi ye-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa yibona abayisa uMeyiwa kwagoqanyawo bethengiwe.
UMbuso umi ngezitatimende okuthiwa zasayinwa abamangalelwa ababili kuleli cala bevuma amacala belandisa abaphenyi ukusuka nokuhlala ngokufa kukaMeyiwa. Abamangalelwa bathi bavuma basayina izitatimende ngoba base bevuthiwe yisibhaxu samaphoyisa.
Ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nommangalelwa wesibili uBongani Ntanzi, kuthiwa yibona ababhala izitatimende. UNtanzi waze wathatha amaphoyisa eyowakhombisa kubo kaKelly lapho okwafela khona uMeyiwa.
Abaphenyi bathi abamangalelwa badalula ngisho umqashi wabo owabanika itoho lokucoboshisa uMeyiwa futhi bakhokhelwa emuva kwalokho.
Abamangalelwa bafaka isicelo sokuthi izitatimende zingemukelwa zichithwe ngoba zatholakala ngokungemthetho. UMbuso ubize ofakazi bawo abachaze kabanzi ngokuthathwa kwezitatimende kanti nabamangalelwa babize ababo.
IJaji Ratha Makgotlheng likhiphe isinqumo salo izolo lichitha abamangalelwa esicelweni sabo. IJaji lithe liyazemukela izitatimende njengobufakazi obuzobhekwa uma sekuqulwa icala.
“Emuva kokucubungula kabanzi bonke ubufakazi ngithole ukuthi ummangalelwa wokuqala wazivumela yena icala wabhala isitatimende ngokuthanda kwakhe. Ummangalelwa wesibili naye wazivumela ngokuthanda kwakhe futhi wayengaphoqiwe nokuyokhomba indawo yesigameko,’’ kusho iJaji.
IJaji lithe ukwemukelwa kwezitatimende akusona isinqumo secala lonke kodwa kuyingxenye nje yecala. Kuvele nokuthi izitatimende zokuvuma amacala azisebenzi kwabanye abamangalelwa kodwa zisebenza kulabo abazibhalile kuphela.
Ngesikhathi iJaji liqeda ukufunda isinqumo, kube sekutolikelwa abamangalelwa nokuthe uma bebuzwa ukuthi bayezwa yini bazibukela nje bangaphendula.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi usemukele isinqumo wathi usezobiza ofakazi ukuze bazokwenaba kabanzi ngezitatimende zokuvunywa kwamacala.
Ummeli wabamangalelwa uMnuz Sipho Ramosepele ucele ukuthi bangaqali bahanjiswe ejele abahlala kulona usafuna inguyazana nabo. Icala libuyela namuhla enkantolo.