UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongi Sithole - Moloi, ukhumbuze abantu ngobungozi bomlilo njengoba kungena ubusika nje.
UMphathiswa ugcizelele lokhu ngesikhathi kunenkonzo yokukhumbula abaphangalala ngenxa yezinhlekelele nokuhlonipha abasebenzi balo mkhakha abazinikela ngezikhathi ezinzima.
Umkhuleko ubusenkundleni yezemidlalo iZinkwazi, eMbali eMgungundlovu.
Isifundazwe silahlekelwe yimiphefumulo yabantu abangu-90 ngenxa yezinhlekelele ezindaweni ezingaphansi kwaseThekwini, uMgungundlovu, Ilembe nasoThukela.
Abantu abakhahlamezeka basala bengenazo izindawo zokuhlala, bathuthelwa emahholo.
Kwakhahlamezeka nengqalasizinda okubalwa kuyona imigwaqo neyokuphakela amanzi namanje kwezinye izindawo kusenzima.
Umkhuleko ubuthanyelwe yizinhlaka ezahlukene zamabandla abehlangene enxusa kuMdali ukuthi zehle izinhlekelele esifundazweni.
UMphathiswa uthe lo mkhuleko bahlose ngawo ukukhumbula abangasekho, baphinde baxwayise ngobungozi bomlilo.
‘’Yingqayizivele yethuba le yokuthi sihlangane, sithandaze ndawonye. Siyabancoma kakhulu abasebenzi bezokutakula abasebenza ngokuzikhandla ezimweni ezinzima,’’ kusho uMphathiswa.
Uthe njengoba ubusika busondela nje, abezinhlekelele bazobe bemi ngomumo ukwelekelela lapho bedingeka khona.
UMphathiswa uthe uyazi ukuthi ebusika kuvame ukuthi kubikwe izigameko zomlilo ngenxa yokuthi kumakhaza abantu basuke bezifudumeza.