KUCHITHWE umengameli waseMelika uMnuz Donald Trump, kwathiwa akahambe ashone noxhaso lwakhe aselivalile, lokuxhasa izinhlelo zokulwa nesandulela ngculazi kuleli.
Abaholi bamaqembu ahlukene ePhalamende, bathe sekuyisikhathi sokuthi elakuleli lizimele, liyeke ukuthembela kwamanye amazwe ngoxhaso.
Kunxuswe nomengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi angayi eMelika ayoncetheza ancenge uxhaso kuleliya lizwe.
Lokhu kugqame ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano ebiphakanyiswe ngumholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ngokuhoxiswa kwalolu xhaso nguTrump ngoba engeneme ngezinto ezithile kuleli, okubalwa nomthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
UMalema, ovule le nkulumo, uthe abahambe abafuna ukuyozinza eMelika wathi kodwa kuzoqhubeka ukuthathwa komhlaba kuleli.
"Umhlaba uzodliwa ubuyiselwe kubanikazi bawo. Abahambe abafuna ukuyohlala eMelika ngoba umhlaba wona, sizowuthatha," kusho uMalema.
UMnuz Wesley Marshall Douglas weqembu iMK, ugxeke uhulumeni ngokuhoxiswa koxhaso.
Uthe kodwa umhlaba kumele ubuyele kubantu bawo nfisho noma kuthiwani.
UMnuz Mkhuleko Hlengwa we-IFP, uthe izwe kumele lifunde ukuzimela wathi ukubuyela kukaTrump emandleni kuvuse abebelwa befuna lubuye ubandlululo.
"Siyazeseka izinguquko kodwa hhayi ubudlova. I-MK iyona kuphela eyahalalisela uTrump ngesikhathi eqokiwe, manje isikhuni sibuya nokhwezeli," kusho uHlengwa.
Umholi wePatriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie, uthe abantu bazofa ngenxa yokuvalwa kwalolu xhaso.
Uthe iMelika nelakuleli bayadingana wathi kodwa elakuleli elidinga kakhulu iMelika.
"Okumele sikwenze ngukuthi sivale abokufika bayeke ukuthola usizo lwamahhala kuleli. Abahambe," usho kanje.
UMnuz Athol Trollip we-ActionSA, ugxeke i-ANC ngokwenzekile wathi nabanye abaholi abayingxenye kahulumeni wokubambisana kwamaqembu, bakhwela bayadilika kuTrump.
Uthe abantu bazothwala kanzima ngoba bebethembele kulolu xhaso.
"Kumele uhulumeni uzinuke amakhwapha ngokwenzekile, izwe lizigwaze ngowalo. Abantu yibona abazoshayeka kakhulu ngalokhu."
UMfundisi Kenneth Meshoe we-ACDP, uthe uhulumeni kumele axoxe nohulumeni waseMelika, ukuze kubuyiswe lolu xhaso.
Uthe ukuvalwa kwalolu xhaso kuzoshaya abahlwempu nakuba kunesidingo sokuthi elakuleli kumele lizimele liyeke ukuthembela kwamanye amazwe.
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM, uthe akumele sivumele elakuleli ukuthi libanjwe ngobhongwana ngamanye amazwe.
"Kumele siyibheke eyokuthi sinyuse intela ukuxhasa izinhlelo zokusiza abantu bakithi. Asingavumeli la bantu ukuthi basiqhele ngoba bebona ukuthi sidinga usizo lwabo," usho kanje.
Umholi weRise Mzansi uMnuz Songezo Zibi, uthe kumele elakuleli lakhe ubudlelwano namanye amazwe njengoba iMelika isikhumukile kuleli.
Uthe lesi sinqumo seMelika yinto engabe kade yenzeka ukuthi nje elaseMelika belilinde kungene umengameli obezokwenza lokhu.
"Siyacela uMengameli angayi eMelika, eWhite House ngoba sizojwayeleka kabi. Abashiywe kanjalo, sibatshengise ukuthi siyakwazi ukuzimela."
IPhini lomholi weqembu iBosa uNkk Nobuntu Hlazo-Webster, lithe asikhohlwe uxhaso lwaseMelika, sifunde ukuzimela siyizwe.
"Asizakhele izwe lethu elizozimela likwazi ukutshengisa ukuthi alincengile. Ukuncetheza kwamanye amazwe kusenza sibukeke singakwazi ukuzenzela izinto yilabo abasixhasayo," usho kanje.
UMnuz Vuyo Zungula we-ATM, uthe akukwazi ukuthi singezwa ngamanye amazwe ukuthi kumele siliphathe kanjani izwe.'
Uthe kumele kulungiswe izinto ezonakala ezweni eminyakeni eminingi edlule.
"Asikwazi ukuzwa ngamanye amazwe ukuthi kumele sizilungise kanjani izinto. Okumbiwa phansi kumele kwenganyelwe abantu bakuleli. Kumele sizilungiselele ukuthi uTrump maduzane uzovele avale ukuhwebelana okukhona phakathi kwelakuleli nelaseMelika. Kumele ngabe iSolidarity ne-AfriForum kade babekwa amacala okuvukela umbuso, ngabe uhulumeni uwasabani amaBhunu," kusho uZungula.