SEKUQALILE ukulungiswa komfula odlula eMolweni uze uyongena emfuleni, uMngeni, njengoba ngoLwesibili kube nombhikisho umphakathi ukhala ngokufa kwabantu uma kunemvula enkulu.
Kule ndawo imvula yakamuva idlule nemiphefumulo emibili okukhona kuyo owomfundi ka-matric uNomzamo Dlamini nowesilisa (wasendaweni elingaziwa igama lakhe) otholakale ngoLwesibili.
Kuthiwa abangani bowesilisa bebekhathazekile ngokulahleka kwakhe ngoba bagcina behlezi naye komunye umuzi ongaphesheya komfula.
Kuthiwa wavalelisa sekuqala imvula kwaba khona abambonayo ethathwa amanzi, kodwa kwase kuba nokudideka uma kutholakala isidumbu sikaNomzamo.
Ikhansela lendawo uMnuz Siyabonga Nala liveze ukuthi babonga usizo abaluthole kuMasipala weTheku ngemishini emikhulu ekhipha udoti manje kulo mfula ukuze amanzi aqale ukugeleza angami ndawonye.
“Kusikhathaze kakhulu okwenzekile njengoba sekutholakale izidumbu ezimbili ngenxa yale mvula. Yize owesilisa engowakhona lana endaweni siyabonga ukuthi ugcine etholakele umndeni usuzokwazi ukumfihla. Inkinga yalama bhuloho nami ngingene ikhona njengoba akhiwe ngendlela yokuthi umphakathi uhambe kuwo ngezinyawo uphinde udlule ngezimoto kodwa abhidlika ngezikhukhula eminyakeni edlule,” kuchaza uNala.
Uveze ukuthi ibikhulunywa indaba yawo emkhandlwini njengoba muva nje sekuvele izindaba zokuthi azoqala ukwakhiwa ngo-Agasti noma ngoSepthemba.
“Ngisho imali azokwakhiwa ngayo isiyaziwa. Njengoba sesibhekene nalesi simo neMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba izinikezele ekutheni ihambele umphakathi ukuze sikhulume ngezokuphepha uma kunesimo esinjena semvula,” kuchaza yena.
Uphikile ukuthi umphakathi wawufuna ukumphonsa emanzini wathi kukhona abantu abadlala ipolitiki nokuyibona bodwa abebenemashi.
Uveze ukuthi kuzona zombili lezi zigameko uyena umuntu owafika kuqala, ukuze kutholakale usizo.