UMCULI kamaskandi uZanefa Ngidi uziqhathe nabantu abaningi ngokubiza uzakwabo uMayoghurt ngesidalwa esiqashwa ngoba sidatshukelwa.
"Bamdabukela ngoba ekhubazekile loyamjitha. Sikhona, sicula. Besithanda abantu. Ngoba asikho bafishane thina (asiqashwa). Ngacasuka kwathi angizinqamule izinyawo."
UZanefa ubekhuluma noShepherd Manqele esiteshini sakhe esisakazela kuYouTube, iPerfect TV. Okucasule abantu abaningi ukuthi uShepherd ubelokhu egegetheka.
Isono sikaMayoghurt ukuphenduka inyama kubahleli bemicimbi njengoba eseqashwa ukwedlula ngisho abazibiza ngamakhosi kamaskandi.
Eziphendulela uMayoghurt, oshisa izikhotha ngengoma ethi Up Bhinca Lami, uthe lenkulumo ayibanga yinhle njengoba beyiqhamuka kumuntu ambiza ngobaba nangobhuti futhi akhule ebukela kuye.
Yize kunjalo, uMayoghurt uthe yena akananxa noZanefa futhi akazoziphendulela kuye. "Engingakusho nje ukuthi wone kakhulu abantu abamthandayo. Ayehlanga kahle kubantu abathanda uMayoghurt. Nakuba kunjalo kodwa uMayoguhurt unxuse abalandeli bakhe ukuba bangamzondi uZanefa ngoba mhlawumbe usazobuye aphaphame "abuye kubo azoxolisa."
Umsakazi woKhozi FM, uTshatha Ngobe uthe akahloniphi uZanefa."Ukhulumisa okwesiphukuphuku nje ebe emdala. Losinekayo nje unginyanyisa kakhulu ngoba angazi yini ehlekisayo."
Esikhundleni sokuzehlisa, uZanefa uvele wabiza uTshatha ngesitho sangasese somuntu wesifazane maqede wathi umjwayela kabi. Nabalandeli bomculo kamaskandi bakhwele bazehlela kuZanefa bembiza ngomculi onomona futhi ongafuni ukubona abanye ozakwabo bamdlule ngempumelelo.
Nabalandeli bomculo kamaskandi bashiye abangalazi kuZanefa, okubalwa kubo uMhlaka-1, uG5 noMgibe.
Nowaziwa njengomhlaziyi womculo kamaskandi ozimele, uSiqiniseko Mvelase, ushiye angalazi kuZanefa embiza ngogombela kwesakhe ongenza nanoma yini ukuze aphumelele adlule omunye uzakwabo.
Nakuba egxekwa kanje uZanefa ubhale ukuthi akudikizi ngisho inqulu.