SIKHULU isililo kubathandi bebhola eNingizumu Afrika kudlula emhlabeni omunye wabo engozini enyantisa igazi. Abezimo eziphuthumayo ngaphansi wenkampani iMedEvac bathole umbiko ngengozi yezimoto ezintathu ngasePort Edward ngoMgqibelo ebusuku.
Kule ngozi kuphangalale abantu abane kwalimala kabi abantu abathathu abalashelwe endaweni yesehlo ngaphambi kokuphuthunyiswa esikhungweni sezempilo esiseduze.
Kwabashonile kule ngozi, kukhona nomlandeli @KaizerChiefs othandwa ngabaningi KwaZulu-Natal uNkosinathi Gubevu Kufa. Le nsizwa yaziwa kakhulu ngokuba umlandeni wabafana bokuthula noxolo kanjalo neSinenkani FC ubegqama kakhulu enkundleni ngokufaka umfutho wengoma uma kudlala amaKhosi. Udlule emhlabeni ebuya emdlalweni weSinenkani FC neFC Ravens eBizana.
Zangwa Photography Angazi nokuthi ngiyaphupha na ngibuhlungu umuntu besihleli naye izolo wonke umuntu ejabulile manje sekunjee ?Gubevu ZN uphumule ngoxolo mkhulu. bengiqala nokuthatha isithombe naye
@Football__Stage Kuyadabukisa impela ukuzwa ukuthi uNkosinathi Gubevu ushonile. UGubevu ZN udlule emhlabeni engozini yemoto ephuma emdlalweni weSinenkani FC neFC Ravens eBizana.
@SamkeloMtshaka Izindaba ezibuhlungu ekuseni kangaka 🌄 kubalandeli baMakhosi kanye neSinenkani Fc ngokulahlekelwa ngumlandeli wabo omkhulu uGubevu ZN...💔💔phumula bhuthi sohlala sikhumbula amagwijo kanye nomfutho eniwufaka kubalandeli nasemaqenjini ngobubanzi 😢 RIP Gubevu Captain