UKUNGENELELA kosaziwayo bakuleli ekukhankaseleni abadlana imilala emqhudelwaneni obizwa ngeBig Brother Mzansi, sekwenze kwashuba kakhulu kuSeason 5. Insizwa yaseNquthu, u-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Mbele (23), iyona ebukeka inosaziwayo abaningi abahamba nayo futhi abangezinye izizwe ekubeni abanye ozakwabo besekelwa ikakhulukazi ngosaziwayo abanobuzwe obufana nobabo.
Kasaziwayo abathi "Khuphuka Sweet Guluva" kubalwa umrepha odabuka eNorth West, uCassper Nyovest, umrepha waseBergville, uJabulani "Sjava" Hadebe, umculi weBlaq Diamond waseMnambithi, uSphelele "Danya Devs" Dunywa, umfundi wezindaba zesiZulu kuSABC 1 waseClermont, uNoxolo Mtshali, umculi wamapiano uDuduzile "Lady D" Ngwenya, umsakazi woKhozi FM wakwaNongoma, uTshatha Ngobe, inkosi yomculo wamapiano waseMpumalanga Kabelo "Kabza De Small" Motha, owayengumsakazi woKhozi FM waseNkandla, uNgizwe Mchunu, umculi we-Afro house waseNanda, uNaledi Aphiwe Mnyongwane, umsakazi weJozi FM uPenny Ntuli, umculi wokholo uThinah Zungu, abaculi bakamaskandi uMjolisi, Ntencane, Imfezemnyama nabanye.
Umculi waseLimpopo, uMakhadzi, yena uhamba noNsuku Mabunda wangakubo ekubeni uLiema Pantsi ethi weseka umkhaya wakhe u-Uyanda Hlangabeza waseNgcobo, e-Eastern Cape.Nakuba kunjalo umsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese inxuse abantu ukuba bangamphoqi ukuba akhankasele uSweet Guluva.
Kanjalo nomculi wowokholo uBetusile Mcinga ucele ukuziqhelanisa nomkhankaso wokuba kuvotelwe umkhaya wakhe, u-Uyanda. Khonamanjalo kubukeka lesi sicoco sibheke eNquthu ngenxa yokwesekwa kukaSweet Guluva.
Nakuba kunjalo kodwa abalandeli baka-Uyanda abazibekile phansi ezinkundleni zokuxhumana, bathi iyobanjwa esithele nayo. Ngokwezibalo uSweet Guluva angase aphume phambili, indawo yesibili ithathwe wu-Uyanda bese isithathu sithathwa wuNsuku.
Abanye abakhona ngoMaborela Fortunate "Nate" Setwaba noKarabo "JoJo" Sejojo (22) waseBloemfontein.
Amaphupho alaba abadlana imilala emzuliswaneni wamanqamu ayaphela kuMzansi Magic DStv 161 ngeSonto kusukela ngo-6 ebusuku.