UKHUNJULWE ngazo zonke izindawo ake wazilingisa emdlalweni ehlukene yethelevishini, umlingisi, uDon Mlangeni Nawa (65), izolo umndeni wakhe omemezele izindaba zokuthi usedlulile emhlabeni.
Yize ungavezanga ukuthi yini ethathe le nkakha yomlingisi umndeni uthe kufana nokuthi uhanjelwe yinhloko ebibahlanganisa bonke.
Izindawo ezifana nekaZakhe Mhlongo emdlalweni othi Hlala Kwabafileyo, Laqhasha kuSgudi 'Snaysi, David kuBambo Lwami neka Zebedee Matabane emdlalweni Isidingo, yizona abantu abamkhumbule ngazo kuvela lezi zindaba.
Isililo besisho nxa zonke njengoba ozakwabo emkhakheni wezokulingisa, osopolitiki nabalandeli bakhe bedlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe.
Umlingisi uKeke Mphuthi ayelingisa naye emdlalweni othi The Throne kuMzansi Magic, uthe: “Ubuhlale ungicela ukuthi ngikwenzele into eyodwa, ukuthi ngikulethele umzukulu wakho. Ngiyabonga ukuthi ube wumkhulu okhona empilweni yethu nomzukulu wakho Papa Don. Ngibonga konke ongenzele khona, sengathi ungaphumula”.
Umethuli wezinhlelo u-@MaBlerh uthe:“Ngesikhathi ngiqala ukuhlakanipha ngibukela ithelevishini ngafikelwa umuzwa wokuthi cha uyalingisa lo baba ngimbuka emdlalweni iHlala Kwabafileyo. Wayilingisa kahle ngokuzimisela leya ndawo”.
Obekwipolitiki, uDkt Mbuyiseni Ndlozi uthe:“Ahhhhh Bra Don, silahlekelwe wumuntu obenekhono, dudu emndenini wakhe nakubangani”.
Umethuli wezinhlelo uNomsa Buthelezi-Shezi uthe:“Lala uphumule Ntate Don Mlangeni Nawa. Ikhono lakho nokuba khona emkhakheni wokulingisa ngeke kulibaleke kalula, uthinte impilo yabaningi. Ubungeyena umlingisi nje kuphela kodwa ubuyingqwele, siyokukhumbula kodwa ngeke sikulibale”.
Uhulumeni kazwelonke, amaqembu ezepolitiki okukhona kuwo i-DA, IFP ne-ANC adlulisele amazwi enduduzo emndenini kaDon, aveza ukuthi elakuleli lilahlekelwe elinye lamaciko amakhulu, ayidlalile indima emkhakheni wokulingisa.
Iziteshi zethelevishini nazo azisalanga ngaphandle njengoba iSABC, e.tv neDStv zimbongile uDon ngomsebenzi wakhe awenzile emidlalweni ehlukene abasebenze naye kuyona.
Umndeni wakhe uveze ukuthi usacela ukunikwa isikhathi sokuthi umzilele ngasese njengoba usazama ukwamukela lezi zindaba.
Uthe maduzane uzomemezela ukuthi inkonzo yesikhumbuzo sakhe neyokumfihla izoba nini.