IMOTO: AUDI Q7 neQ8
KWA-Audi South Africa bethule amaSUV abo angamawele iQ7 neQ8 athuthukisiwe ngokwenziwa kwezinguquko ezimbalwa kuwo kwalethwa nenamandla iRS Q8.
Ukuthuthukiswa kwazo kuyisiqalo sezinto ezizayo kule nkampani. Isikhulu uSascha Sauer sithe bahlela kabusha namagaraji awo nokuzosho ukuvalwa kwamane.
“Sizobheka ukuthi amakhasimende azosevisa kuphi. Siyawathinta ukuze siwazise ukuthi kwenzekani nezinto abangazenza,” kusho uSauer.
Uthe yinto abangeke bayibalekele ukuvala njengoba kwehla ukuthengwa kwezimoto zikanokusho kodwa basazohlala kuleli.
Yize engawashongo kodwa leli phephandaba lithole ukuthi elinye lazovalwa ngelisenkabeni yeTheku.
Ukuqinisekisa ukuhlala kwabo kuleli bakwenza ngokuletha i-A3 ethuthukisiwe. Zikhona nezinye abasacwaninga ngokuziletha kodwa baqinisekise ukufika kweQ3 ne-Q5 ngonyaka ozayo.
Njengoba bekwethulwa i-Q7 nje, yiyona SUV yokuqala yakwa-Audi eyafika ngo-2006 futhi kuleli sekudayiswe angaphezu kuka-7 000.
Okuyiyona esiphinde yathuthukisiwa yileyo eyafika ngo-2015 neyathuthukiswa ngo-2019.
Izinguquko ezenziwe kuyo zihlanganisa ukwenziwa kwengaphambili kwi-grille. Kuphinde kwafakwa namalambu amasha angamaHD Matrix LED kanjalo nama-Oled lights ngemuva okwazi ukuwashintsha indlela akhanyisa ngayo.
Inamabheji amasha kanjalo nemibala emisha ngaphandle.
Ngaphakathi alukho ushintsho olutheni ngaphandle kokuthi ifike nezihlalo eziyisikhombisa nokuyinto abathe bayenze ngoba amakhasimende ayethanda ukukhetha khona.
Ngaphansi kwebhonethi kunenhlobo eyodwa yenjini engu-3 litre six-cylinder kaphethroli. Inamandla angu-250kW ne-torque engu-500Nm no-gearbox ongumshini ozishintshayo.
Kwabafuna e-sporty nokuyiyo engithathile ikhona iSQ7 nayo ethuthukisiwe. Yona iphethe amarimu angu-22 inch futhi nawangemuva ayajika ukuze ingathatheli kude uma ujika. Ngaphakathi inama-sport seats plus. Kukhona neBlack Edition enokhakhayi olumnyama, izibuko ezimnyama newingi langemuva elimnyama.
Yona inenjini engu-4 litre TFSI kaphethroli enamandla angu-373kW ne-torque engu-770Nm. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.1.
Audi Q8
Njengoba zifana ngokuningi,nezinguquko ezenziwe kuzo zombili ziyefana, Nayo inamalambu amasha kanjalo nemibala emisha ngaphandle ebukekayo okungoSakhir Gold, Ascari Blue noChili Red.
Kukhona neBlack Edition enamarimu angu-22 inch, ukhakhayi olumnyama, grille emnyama newindi elimnyama ngemuva.
Kukhona ne-SQ8 enamarimu angu-23 inch namasondo angemuva ajikayo, sport seats olus, namaHD Matric LED headlights.. IBlack Edition nayo inalokhu bese iba nezinto ezimnyama njengamarimu.
Izinjini zayo zihlukene kabili – kukhona i-55 TFSI ephethe engu-3.0 litre V6 ene mild-hybrid technology. Inamandla angu-250kW ne-torque engu-500Nm.
Enye ngekadizili ekwi-45 TDI engu-3.0 V6. Inamandla angu-183kW ne-torque engu-600.
Ukufika kwazo kuqondene nokutheleka kwenkosi yazo iRS Q8. Inenjini enamandla kunazo zonke emlandweni wakwa-Audi.
Ingu-4.0 litre twin-turbo V8 ekhafula amandla angu-471kW ne-torque engu-850Nm. Inkulu injalo kodwa bathi kuyithatha imizuzwana engu-3.6 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h.
Iduma kamnandi kuzwakale njengoba inezinqawe zangempela okwazi ukuzishintsha ufake iRS sport exhaust system uma uthanda ufuna zidume kakhulu.
Ngale kwenjini, okunye egabe ngakho yi-electromechanical active roll stabilisation, sport differential nama-ceramic brakes. Amasondo anamarimu angu-23 inch.
Ngaphakathi izihlalo ziyakubhucabhuca, ine-Head-up Display, Audi virtual cockpit nokunye. Ishaya nangobuchwepheshe bokukwazi ukuzipaka umshayeli emi ngaphandle esebenzisa iselula. Noma uyikhipha futhi endaweni yokupaka usebenzisa iselula izikhiphe yona.
Intengo:
Q7 55 TFSI quattro Tiptronic Platinum Edition: R1,958,000
Q7 55 TFSI quattro Tiptronic Black Edition: R1,987,900
SQ7 TFSI quattro Tiptronic: R2,540,500
SQ7 TFSI quattro Tiptronic Black Edition: R2,574,500
Q8 45 TDI quattro Tiptronic Platinum Edition: R1,968,700
Q8 45 TDI quattro Tiptronic Black edition: R2,015,400
Q8 55 TFSI quattro Tiptronic Platinum Edition: R2,011,700
Q8 55 TFSI quattro Tiptronic Black Edition: R2,058,400
SQ8 TFSI quattro Tiptronic: R2,640,500
SQ8 TFSI quattro Tiptronic Black Edition: R2,675,500
RS Q8 performance quattro Tiptronic: R3,266,100
Zonke zifika ne-Audi Freeway Plan ehlanganisa i-service ne maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.