ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithumele abakhongi ekhweni laso elisha.
Abakhongi beMbube baye kobika ebukhosini bakwaNdwandwe, eMpumalanga, ukuthi iNdlulamithi yamakhosi ifuna ukukha imbali yakhona.
Ngokuthola kweSolezwe ithimba labakhongi beMbube beliholwa umluleki weMbube, uMnuz Sibongiseni Mageza Mbabo, nePhini likaNdunankulu kaZulu, Inkosi Phathisizwe Chiliza.
Imbube ifuna ukukha imbali yakwaMdluli, uSihle Mdluli, ezalwa Inkosi uMaNdwandwe.
Ngokuthola kweSolezwe, ayizange ikhulunywe eyelobolo.
"Ithimba beliyobika nje ukuthi iMbube ifisa ukwakha ubuhlobo obuhle. Ibingeke ivele ithumele abakhongi ukuba bayomemeza, ngoba phela kusebukhosini lapha. Ingakho ithumele abakhongi kuqala, ukuba bayozibika kuqala."
Uqhuba umthombo uthe abakhongi beMbube sebezolinda impendulo kwabasebukhosini bakwaNdwandwe.
Okhulumela iSilo, uMntwana uNathi kaPhumanyova Zulu, wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
"ISilo singicelile ukuba ngingakhulumi ngalolu daba okwamanje ngoba kuseyinto yangaphakathi. Angeke ke ngikwazi mina ukutholakala sengikhuluma into yangaphakathi."
Izindaba zokuqonywa kweSilo owasebukhosini bakwaMdluli ziqale ukuvela ngoFebhuwari.
Ingoduso yeSilo yachitha isikhathi esigodlweni eMashobeni ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi wokweShwama.
ISilo sithuma abakhongi akucaci ukuthi lusazoqhubeko yini udwendwe laso olwahlehliswa.
Imbube kwakufanele igcagcelwe uNdlunkulu uNomzamo Myeni ngasekuqaleni konyaka kodwa umgcagco wabuye wahlehliswa ngemizuzu yokugcina.
Kuze kube manje alukazi luphume usuku olusha lomgcagco.
Kuphinde futhi kube nendida ngomshado weSilo noNdlunkulu uNontokozo Mayisela Zulu.
Imbube yafaka isicelo sokwehlukanisa noKaMayisela, sikhala ngokuthi umshado wabo ngeke usalungiseka.
Lesicelo iMbube yasifaka emva kokunyamalala kukaKaMayisela, owayengasabonakali nangokhalo eMikhosini yaseNdlunkulu.
Kodwa mumva nje uKaMayisela uyabonakala encokola neSilo eMikhosini yaseNdlunkulu, nosekuqubule amahlebezi okuthi usebuyisene neMbube.