KUPHELILE ukuqagela ngokushicilelwa kwemiphumela ka-matric emaphephandabeni ngesonto elizayo njengoba inkantolo ichithe isicelo esiphuthumayo ebesifakwe yi-Information Regulator (IR), ebifuna kumiswe ukushicilelwa kwale miphumela.
I-IR ibifuna uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uqale uthole imvume kubafundi ababhale leli banga ukuthi ishicilelwe imiphumela.
INkantolo eNkulu yaseGauteng izolo isichithile lesi sicelo, yathi asiphuthumi okusho ukuthi umnyango uzoqhubeka nokushicilela imiphumela ngoLwesibili.
USihlalo we-IR, u-Advocate Pansy Tlakula, uthe udumele ngesinqumo seJaji uRonel Tolmay, sokuchitha isicelo sabo.
Uthe bazimisele ukuxoxa nomnyango ngezinto abangaboni ngaso linye kuzona.
“Sidumele ngesinqumo senkantolo ngoba besivikela ulwazi lwabafundi. Asihambisani nokuthi kuthiwe le miphumela ishicilelwa kusetshenziswa kuphela izinombolo zabo zokubhala ngoba kwazona ziwulwazi lomuntu othile,” kusho u-Advocate Tlakula.
IJaji uTolmay likhiphe ohlwini lwamacala aphuthumayo lesi sicelo.
“Kumele kucaciswe ukuthi asikho isizathu esinqala esiveziwe esenze kwafakwa lesi sicelo njengesiphuthumayo. Udaba oluthinta ukushicilelwa kwemiphumela lwaqala ngo-2022 ngakho abebekhalaza kumele ngabe kade baziveza izizathu, bangalindi kuze kube wumzuzu wokugcina. Kumele kubekwe phambili amalungelo abafundi abathintekayo,” kusho iJaji Tolmay.
Ijaji liveze ukuthi akukho okusezithebeni zakhe okuveza ukuthi bekuzobeka engcupheni abafundi uma kushicilelwa le miphumela.
“Akukho ngisho isikhalazo esisodwa esivela kubafundi mayelana nokuthi ingashicilelwa le miphumela. Sekuphele iminyaka emithathu le miphumela idedelwa ngale ndlela, kushintshephi kulo nyaka?” kubuza ijaji Tolmay.
Ijaji lichithe nezindleko zalesi sicelo.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela ka-matric ngoMsombuluko ntambama bese ngoLwesibili iminyango yezifundazwe iyidedele bese abafundi bekwazi ukuyithola.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bebevele behlabela phambili nokushicilela le miphumela ka-matric ngoba baphoqwa yisinqumo senkantolo sango-2022, sokuthi le miphumela ishicilelwe emaphepheni kusetshenziswa izinombolo zabo zokubhala, hhayi amagama nezibongo.
Uthe abananxa ne-IR, wathi yinhlangano entsha esadinga ukucathuliswa ngezinye zezinto.
“Ezinye zezinto zisazoxoxwa kodwa siyaqhubeka nokushicilela le miphumela emaphephandabeni njengoba besivele senza kule minyaka edlule. Okubalulekile ngukuthi umfundi akwazi ukuthola imiphumela yakhe noma kuthiwa uakuphi nendawo,” kusho uMhlanga.
Uthe abafundi balanda imiphumela yabo lapho bebhalele khona.