INYUNYANA yothisha iNational Teachers’ Union (Natu) isinxuse abazali namalungu emiphakathi eyahlukene ukuba baqinisekise ukuthi bayalibamba iqhaza ekukhethweni kwezigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole.
Lokhu kushiwo uNobhala Jikelele weNatu, uMnuz Doctor Ngema, esitatimendeni asithumele abezindaba.
Ukhetho lwezigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole kuqalwe ngoLwesihlanu, kanti kulindeleke ukuthi kuqhubeke yonke le nyanga.
Izigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole ezisemandleni njengamanje, zizogcina ekupheleni kwenyanga (Mashi 31), bese kungena ezintsha okuqhubeka ukukhethwa kwazo njengamanje.
“INatu ikushayela ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwezigungu esezibeka phansi izintambo njengamanje,” kusho uNgema.
Uqhube wathi bona bengothisha bazimisele ukusebenza ngokubambisana nezigungu ezintsha njengoba lokho kulima indima enkulu emfundweni yabafundi.
“Njengoba luqalile uhlelo lokukhethwa kwezigungu zezikole ngoLwesihlanu, sinxusa abazali ukuthi baphume ngobuningi babo ukuyovotela izigungu ezintsha,” kusho uNgema.
Uphethe ngelithi, abazali ngesikhathi bevota, kufanele bakubeke emqondweni ukuthi okubaluleke kunakho konke ukuthi babeke imfundo yabantwana babo phambili.
“Bakhethe abantu abababonayo ukuthi bazokwazi ukusebenzisana kahle nothishanhloko nothisha, kungabi abantu abanezinhloso eziphambene nomthetho,” kusho uNgema.