UKUZIQHENYA ngokuba wumZulu nangokuba yibhinca kwenza intokazi esizakhele udumo ngokuphatha izinhlelo zemicimbi eyahlukene, ikakhulu kumaskandi, ihlale ihlobe ngento ezoqhakambisa ubuyona.
Lowo nguNqobile Dlamini owaziwa ngelikaModelkaz, ojwayele ukugqoka ngendlela emveza ngokusobala ukuthi uwumuntu okhonze ukuhloba ngendlela yesintu uma esemicimbini ayosebenza noma amenywe kuyona.
Lokhu sekuqalile ukuthela izithelo kule ntokazi yaseMangosuthu, eDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, njengoba isidalule kwiSolezwe ukuthi isanda kuqokwa ukuba yinxusa lenkampani yezimpahla zokugqoka ezigqize ngobu-Afrika, iKonkhe Kuhamba Kahle Clothing.
Elandisa ngendlela athole ngayo leli thuba uModelkaz (26), uthe waziswa ngalo wuzakwabo kwezobuciko uQuality Biyela, ovele naye uyinxusa lale nkampani, ukuthi ibidinga umuntu wesifazane ozoba yinxusa layo ukulekelela emsebenzini ewenzayo wokudayisa izimpahla.
“Nangempela ngamlalela, ngabathumelela izithombe zami ngihlobe ngezinye zezimpahla engivame ukuzigqoka emicimbini eyahlukene, bazithanda kakhulu base beqala bebheka ukuthi ngiziphethe kanjani ezinkundleni zokuxhumana. Savumelana ukuthi sisebenze, kanti ngijabule kakhulu ngalokho ngoba kubukeka kuthela izithelo njengoba nabo besho ukuthi bayanda abathenga izimpahla,” usho kanje.
Uthe okunye okumkhululayo wukuthi akukho mibandela emikhulu netheni elindeleke kuyena, kodwa uvumeleke ukumaketha lo mkhiqizo ngendlela yakhe nehambisana naye.
“Ngifisa ukuqhubeka ngikhulise igama lale nkampani ngoba imikhiqizo yayo mihle futhi isezingeni eliphezulu. Ngikholwa nawukuthi leli thuba lizongisiza ngikhulise igama lami futhi lizongifundisa nokunye engingakwazi ngale mboni, okungangilekela uma kwenzeka senginquma ukuhamba ezinyathelweni zayo ngokuqhubeka kwesikhathi uma sengikhulisa i-brand kaModelkaz,” kusho yena.
I-Konkhe Kuhamba Kahle isivele inezitolo ezinhlanu ezisePitoli, Volkrust, Pavilion, Mbombela naseWitbank, eMpumalanga, lapho okudabuka khona umnikazi wayo uMlungisi Mula.