ISINTU sithi udwendwe aluhlehli umakoti engadukile kodwa ongoti bezamasiko bathi umgcagco weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini okuhlelwe ukuba ube sekuphele kwenyanga, uzohlehla uma kuwukuthi asiyi koshaya indesheni kuNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu.
Izazi zamasiko zithe iSilo asikwazi ukuphambana nezinkantolo, zathi into engalekelela ukuba iMbube iye koncenga uNdlunkulu uKaMayisela ukuba ayivumele ukuthi iqhubeke ishadelwe nguNdlunkulu uNomzamo Myeni.
Kusathombe ukhiye namanje ngomgcagco okuhlelwe ukuthi ube ngoJanuwari 26, nonyaka, njengoba uNdlunkulu uKaMayisela efake isicelo sokuba umiswe.
Emaphepheni awafake eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, uNdlunkulu uKaMayisela uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe, umthetho awuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
UKaMayisela neMbube bashada umshado omhlophe ngo-2021, eNquthu, ufuna ukuthi isicelo sakhe silalelwe ngoMsombuluko.
Emaphepheni asenkantolo, uKaMayisela uthe akayivimbi iNdlulamithi yamakhosi ukuba ithathe omunye undlunkulu kodwa wathi ufuna ukuthi iqale ixoxwe le ndada.
Ongoti bezamasiko bathe into engasiza iSilo ukuthi sixoxe noKaMayisela.
USolwazi waseNyuvesi KwaZulu-Natal, uSihawu Ngubane, uthe indaba yonakala ekuqaleni ngesikhathi iSilo sishada umshado omhlophe.
“Ukuba iSilo saqala ngawo umshado wesintu ngabe siyakwazi ukuqhubeka sibathathe abanye.”
UNgubane uthe izinkantolo yizona ezinamandla kulesi sikhathi esiphila kuso.
“Inkinga lana kuhlangene isilungu nesintu. Kutholene phezulu inkantolo nesiko, asazi ukuthi iyiphi eyogoba uphondo.”
UNgubane uthe yena ubengaluleka ngokuthi iSilo sike sithi ukubamba amatomu.
USolwazi Jabulani Maphalala uthe iSilo kufanele silalele umthetho wezinkantolo.
“ISilo asikwazi ukwenza okuphambene nezinkantolo ngoba kungasuka ukukhuluma, bese kuthiwa sizibona ukuthi singubani sona ukuthi singenza okuphambene nezinkantolo.”
Ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala weZikalala Attorneys, uthe iMbube ingazithola iboshwa noma ihlawuliswa uma ingenza okuphambene nomyalelo wenkantolo.
“Uma kungaphuma isinqumo esithi umgcagco awungaqhubeki, bese iSilo siyangena esigcawini, kobe sesiphule umyalelo wenkantolo. Lokho kungenza ukuthi siye ejele noma sihlawuliswe. Angicabangi ukuthi leyo into ayifunayo undlunkulu.”
UZikalala uthe yena ngokwakhe ubengaluleka ngokuthi lolu daba luxoxwe ngaphandle kwenkantolo.
Nakuba lingakabi bikho igama elisemthethweni eseliphumile lokuthi uyaqhubeka noma uyahlehla umgcagco, Isolezwe lithole ukuthi uNdlunkulu uMaMyeni uyaqhubeka namalungiselelo.
Umthombo wasendlunkulu uthe uMaMyeni uhambe esho ukuthi uzoshada kumnyama kubomvu.