KUGQUGQUZELWA osomabhizinisi ukuba babhalisele umbukiso wamabhizinisi ohlelwa wuMasipala weTheku, obizwa nge-Inner West Durban Business Fair.
Lo mbukiso wenzelwe ukusiza kakhulu osomabhizinisi abasebenzela ezindaweni ezisentshonalanga yeTheku, ngasePinetown namaphethelo uzoba e-Anderson Sports Ground, eduze kwaseLahee Park, ePinetown.
Uzoqala ngoDisemba 6 uphele ngoDisemba 8. Ukubhalisela umbukiso wesifunda ongowesibili ukusingathwa kulo nyaka kuvuliwe njengamanje kanti kuzovalwa ngoNovemba 22.
Osomabhizinisi bathi bayasizakala ngemibukiso yamabhizinisi yezifunda njengoba kukhangisa osomabhizinisi bendawo.
Ubufakazi bomthelela omkhulu wale mibukiso yezifunda amabhizinisini bubonakala ngokuthi osomabhizinisi baseningizimu yeTheku nasezindaweni ezingomakhelwane, abebekhangise kwi-DBF ebiKwaMnyandu Shopping Centre ngenyanga edlule, namanje abawuvali umlomo ngemithelela emihle lo mbukiso obe nawo.
UMnuz Muzi Xaba, ongumsunguli weThunaPoint, okuyi-app esiza abantu bakwazi ukugcina imininingwane yamathuna, uthe lo mbukiso ube ngaphezu kwalokho abekulindele. “Sihlangane namakhasimende amaningi, ibhizinisi lethu labonwa ngabaningi. Lo mbukiso usize inkampani yaba sematheni futhi lokhu kuze namathuba amahle wodwa. Ngikhuthaza amabhizinisi amancane ukuthi awasebenzise lawa mathuba.”
UMnuz John Morley weBusiness Team, esiza abantu bathuthukise amabhizinisi abo asekhaya, uthe iDBF isiphenduke inkundla ebaluleke kakhulu. “Sesineminyaka ewu-14 sikhangisa kwiDurban Business Fair. Kwi-DBF yesifunda saseningizimu, sithole izicelo eziwu-57 esizicubungulayo kuyimanje. Lo mbukiso uyinkundla enhle kakhulu kunoma yimuphi usomabhizinisi, wenza imikhiqizo nemisebenzi yakho yaziwe,” usho kanje.
UNkk Jennet Lipota weBurnham House Bed & Breakfast, uthe umbukiso wamabhizinisi esifunda saseningizimu umveze kwabaningi, okubalwa nabezindaba futhi ukwazile ukuxoxa nabo. “Ukukhangiswa kwebhizinisi lethu kuholele ekutheni sithole amakhasimende amasha abhukhe endaweni yethu. Sesikubheke ngabomvu ukuya embukisweni olandelayo.”
UNkk Zoleka Jange weBaphathe Kahle Lodge, uhlabeke umxhwele kulo mbukiso. “I-South DBF ibe nomthelela omuhle ngendlela emangalisayo. Ngaphezu kokukhangisa ngebhizinisi lami, ngifunde okuningi okubalulekile emihlanganweni eyahlukahlukene. Ngikhuthaza namanye amabhizinisi ukuthi abambe iqhaza kule mibukiso ukuze akwazi ukufinyelela ebantwini abaningi.”
Njengoba asebeke babamba iqhaza besho okuhle kodwa ngalo mbukiso, kukhuthazwa nabanye osomabhizinisi ukuthi balisebenzise leli thuba lokukhombisa ngemikhiqizo yabo, bathengise imikhiqizo eyengeziwe, baxhumane nabaholi bezimboni, baphinde bathole amathuba amahle okukhula.
Ukuze ubhalisele umbukiso wamabhizinisi wesifunda sasentshonalanga okungenyanga ezayo:
• Vakashela ku: www.durban.gov.za, ungene engosini ethi Government, bese uya kuDocuments, ubheke kuPublic Notices ukuze uthole ifomu lokufaka isicelo.
• Thumela i-email ku: [email protected] ucele ifomu.
• Thola ifomu ezikhungweni zikaSizakala, emahhovisi akwaDurban Chamber of Commerce and Industry (ku-101 Isaiah Ntshangase Road, Stamford Hill), emahhovisi akwa-SEDA aseThekwini (ku-127 Johannes Nkosi Street), noma e-Embassy Building (ku-199 Anton Lembede Street, konogada).
Uma unemibuzo, shayela ku-031 311 4500.