INkantolo yesiFunda ePhuthaditjhaba igwebe odilikajele amalungu amathathu ophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), uSergeant Mbekeni Canuel Dladla (46), Constable Bongani Selby Zondo (36) noConstable Richard Mohau Balene (41), ngecala lokubulala isiboshwa uThabo Moses Mopeli.
Baphinde bagwetshwa izinyanga ezingu-12 ejele umuntu ngamunye ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza. Inkantolo iphinde yaveza ukuthi abakulungele ukuba nezibhamu.
Abamangali kulolu daba, uThapelo Johannes Sekete (32) noThabang Mopeli (32), bathi ngoLwesihlanu, 21 Meyi 2022, babeqonde endaweni yokucima ukoma ngesikhathi iveni yamaphoyisa ima eduze kwabo. Baboshelwa ukuphuza esidlangalaleni, kwathi ngokuhamba kwesikhathi bajoyinwa nguThabo Moses Mopeli ngemuva kokuboshelwa ukugebenga ibhizinisi.
Laba baphenduka ofakazi boMbuso baveza ukuthi amaphoyisa aqala ukushaya uThabo ngesidunu sesibhamu ngesikhathi emhloma imibuzo ebuza ukuthi siphi isibhamu sakhe. UThapelo noThabang baveze ukuthi baphinde bashaywa ngemuva evenini yamaphoyisa ngesikhathi sebehanjiswa e-Tseseng SAPS CSC, lapho la maphoyisa amathathu aqhubeka nokushaya uThabo waze washona ngenxa yokulimala.