AMAPHOYISA afuna uthuli abasolwa ngokudubula babulale abantu abangu-17 ezehlakalweni ezimbili ezenzeke eNgobozana eLusikisiki, e-Eastern Cape ngoLwesihlanu ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe, uthe bavuke ngezindaba ezingezinhle zokudutshulwa kubulawe abantu abangu-17.
Emzini wokuqala uthe kubulawe abantu abane akusindanga muntu.
“Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwe bashona. Kusinde abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa,”kusho uBrig Mathe.
Uqhube wathi ubangwa nezibi esibhedlela owesilisa osekhulile osinde edutshulwa. Uveze nokuthi bekukhona ingane enezinyanga ezimbili kuhlaselwa, ephume ingenamyocu.
“Ingane iyiswe esibhedlela ukuze ithole ukunakekelwa okudingakalayo. Kusiphatha kabi okwenzekile,” kusho uBrig Mathe.
Amaphoyisa athi bangu-15 abesifazane abasocongiwe kanye namadoda amabili.
Uveze ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola usehlanganise ithimba eliphezulu lamaphoyisa azophenya ezi zigameko.
Njengamanje uthe bamatasa nomsebenzi wabo abaphenyi futhi kunamathimba amabili ochwepheshe bendawo yesigameko avela ePitoli ajutshwe ukuba ahlwaye izimpendulo.
“Kutshalwe inqwaba yamaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayatholakala abantu abenze lobu bugebengu. Sikhuthazwa ukuthi ezigamekweni zokudubula esezibe khona kulesi sifundazwe, amaphoyisa akwazile ukubopha abasolwa,” kuchaza uBrig Mathe.
Udalule nokuthi kuyabakhathaza ukuthi amacala okubulawa kwabantu aphezulu e-Eastern Cape.
Uthe lesifundazwe sivalwe ukubalwa nezintathu ezihamba phambili ngamacala okubulawa kwabantu uma sekukhishwa izibalo zobugebengu.