UTHUKUTHELE uyaveva uTebogo Sithathu, umculi owaduma ngeR&B, ngemva kokuba ehlwithwe umbhobho esacula ingoma ebuza ukuthi wenzeni owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
UTebogo wayeyilungu leqembu elalibizwa ngamaTwins, eladuma ngamanoni athi: Shona Phansi, Love 10 000 nelithi Ngiyasha.
Kuthe esaqala ukucula uTebogo, waqhamuka umengameli womfelandawonye wezinhlangano zamaciko iCCIFSA, uJoy Mbewana, wamphuca umbhobho maqede wahlambalazeka kozakwabo.
UTebogo, ongumsunguli weMK Creatives Council ( MKCC), uthe loya mbuthano bewungahlangene nepolitiki kodwa bekungowokudingida umthethosivivinyo obizwa ngeCopyright Amendment Bill, athe ungomunye wamaciko akhuluma kakhulu ngayo.
"Bengisemhlanganweni njengomunye wezishoshovu ezilwela amalungelo amaciko, ikakhulu ekuvikeleni imisebenzi abezobuciko abazisungulele ngemiqondo yawo. Lokho ngikwenza ngaphansi kwenkampani yami i-IP Justice. Yingakho kuthe uma abaholi bamaciko bebizwa ukuba bayonikezela ngohlu lwezikhalazo kuNobhala-Jikelele we-ANC (uMnuz Fikile Mbalula), ngabizwa nami."
UTebogo uthe ukuvinjwa ngamalungu e-ANC ukuba aphose umbuzo olula wokuthi: Wenzeni UZuma, kwenze abantu babona ukuthi i-ANC iwuhlobo luni. Uthe uphucwe ilungelo elikuMthethosisekelo lokuhlanganyela nanoma iyiphi inhlangano ngokukhululeka.
"Amanye abangamacomrade e-ANC baze bangisabisa ngodlame nokungicindezela besebenzisa amandla okuba kuhulumeni. Buka nje banyanyisa kanjani. Ngibatshelile kodwa ukuthi angisabi lutho ngoba ngingokaJehova," kuphetha uTebogo.
Eziphendulela uJoy uthe uTebogo uyiComrade nomngani wakhe futhi ubeyingxenye yomhlangano.
Echaza uJoy ubeke kanje:"Besivumelene ngokuthi umhlangano uzophathwa kanjani, obese kusele ngakuthina ukuhambisa i-memorandum kuNobhala-Jikelele. Ngakho ngesikhathi eseqala ecula ingoma ethi: Wenzeni UZuma, bekufanele anqandwe ngoba ubebuza umbuzo endaweni engafanele, kithi ngoba thina bemboni yobuciko asikaze sasola uZuma nanganoma yini."
UJoy uqhube wathi abebekuhlanganele ukucela ukuhlangana nomengameli nokuthi umthethosivivinyo ungasayinwa kuphela.
"Ngaphandle kwalokho, bebenomhlangano nabo njengeMK lapho bekufanele abuze khona lokho noma enkantolo izolo (esho ngoLwesithathu) lapho ebengabuza abantu abafake uZuma enkantolo."
Uthe ngale ndaba yomthethosivivinyo amaciko kufanele abumbane futhi anelungelo lokuzibandakanya neqembu lepolitiki.
Waphetha ngokuthi uTebogo uyazi ukuthi uma kukhulunywa ngendaba yezobuciko, ubumbano lusemqoka.