BAHAMBA bejeqeza onogada bemoto yemali njengoba bephume ngezinkani osibindigidi abahlasela lezi zimoto.
NgoMsombuluko ebusuku, bagadle kwezwakala ezingxenyeni ezimbili ePitoli ngesikhathi esingaphansi kwehora.
Isehlo sokuqala senzeke kuthelawayeka uN4 ngemuva kwalokho kwaduma izulu lezandla kuR80.
Abe-Emer-G Med babike ngezithuba zika-5 ntambama iqulu lamadoda ebelihlomile livimbezele imoto yemali.
Kulesi sigameko abasolwa bashaye bachitha nesamba esingadaluliwe.
“Sifike endaweni yesigameko sathola onogada ababili belimele. Laba balashelwe endaweni yesigameko anduba baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G Med.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Athlenda Mathe uthe isehlo sokuqala senzeke ngo-5.20, esesibili senzeka ngo-5.45 ePitoli.
“Esehlakalweni sokuqala abasolwa abebehamba ngeBMW E90 bashayise imoto yemali kuN4, phakathi kwemigwaqo iSimon Vermooten neRossouw. Lokhu kwenze imoto yemali ukuthi igingqike,” kusho yena.
Uthi amaphoyisa asola ukuthi izigebengu zisebenzise iziqhumane ukuvula imoto yemali. Onogada basinde ngokulambisa bebaleka.
Abasolwa babaleke ngeBMW neToyota Hilux emhlophe.
Esigamekweni sesibili esenzeke kuR80, imoto yemali ibisuka eSoshanguve ngesikathi ivinjezelwa woshayasibhamu abebehamba ngeFord Ranger, abavulele ngenhlamvu bebhekise kuyona yaze yama.
Nalapha abasolwa bashaye bachitha nesamba semali esingadaluliwe, sebebaleka ngemoto yohlobo lweHyundai e-silver ngombala..
UBrig Mathe uthi ithimba elikhethekile lamaphoyisa liphenya lezi zigameko.