UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi usebenza imini nobusuku ukuyiqeda nya inkinga yokunqamuka kukagesi njengoba kuzobuya imishini eminingi ebilungiswa eKusile.
Namhlanje kubuye umshini obizwa ngo-Unit 4 obucishwe izinsuku eziwu-20 ukuze ulungiswe kahle.
URamokgopa uthe iKusile izosiza iNingizimu Afrika ukuthi iqede inkinga yokunqamuka kukagesi.
“Angithandi ukuthi ugesi unqamuke ngokwesigada sesithupha ngoba lokhu kudla uR1 billion ngosuku emnothweni wezwe. Yingakho ngisebenza kanzima nonjiniyela namanye amathimba anolwazi olunzulu ukukhanda imishini ukuze ingafi singalindele,” kusho uRamokgopa.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi inkinga yesisi esingcolisa umoya silimaze nemvelo i-sulphur dioxide bayayixazulula eKusile njengoba becele ukululelwa isikhathi sokulungisa lokhu ngezinyanga eziwu-15.
Uphethe ngokuthi kuzophela uNovemba isisebenza yonke imishini yaseKusile okubalwa u-Unit 4,3,1,2 no-5.
Ukubuya kwale mishini kuzongenisa ugesi owu-4 000MW, uRamokgopa uthe lo gesi uzobasiza kakhulu ekuqedeni inkinga yokunqamuka kukagesi.