NALAPHO kungekho qhude kuyasa!
Lena yindlela azizwa ngayo unina wesiqengqe esizidlele amahlanga, siphasa ngamalengiso saze saba ngesinye seziqengqe ezimbalwa ezisuka KwaZulu-Natal, ezimenyelwe esidlweni sasekuseni izolo ebesihlelwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuleli uNkk Angie Motshekga, eGoli.
UNtando Lindokuhle Sibiya (18) waseMatendeni, eNanda, obefunda eNanda Comprehensive, ugile izimanga ezifundweni zakhe, yize ebefunda kanzima ngoba akekho osebenzayo kubo. Baphila ngemali yempesheni yokukhubazeka eholwa nguyise.
Unina wesiqengqe uNkk Nonkululeko Sibiya, obephelezele indodana yakhe ebiyingxenye yabafundi abaphase ngamalengiso abathole isimemo sesidlo nongqongqoshe, uthe impela nakandlwana uyaphuma umuntu ozoqhakazisa.
“Ngendlela okusokolwa ngayo, kwesinye isikhathi ubethembela ekutheni useyodla esikoleni uma sekudliwa ngoba kunezinsuku lapho obekuke singazi sizothathani sihlanganise nani. Sithembela emalini kayise yempesheni ngoba ukhubazeke ngokungaboni emehlweni, okuyinto eyamhlasela kudala kwaze kwaphoqa ukuthi ayeke umsebenzi kodwa usizi esibhekene nalo alizange limnqinde amandla. Ezinye izingane zakwabo zaliphumelela leli banga kodwa zihleli kazisebenzi ngenxa yokuntuleka kwamathuba omsebenzi,” kubalisa uNkk Sibiya.
UNtando onesifiso sokwenza iziqu ze-Electrical Engeneering eNyuvesi iWits, uthe yize ubenesiqiniseko sokuthi uzophasa kodwa ubengalindele ukuthi aphase ngale ndlela.
“Angizange ngifake isicelo sokufunda ngesikhathi kuvulelekile nyakenye ngenxa yokuthi ekhaya bebengenayo imali yokungilekelela ngifake isicelo futhi ubengekho oneselula yesimanje ebengingazama ngayo ukufaka isicelo. Yize kunjalo, nginethemba lokuthi ngizosithola isikhala nomfundaze ozongisiza kufezeke amaphupho ami okuba yisibani emndenini obuwa uvuka nami,” kuchaza uNtando.UNtando uphase iTechnical Maths, Technical Science, Engeneering Graphic and Design, Electrical Technology, IsiZulu nesiNgisi.
USinakhokonke Siyaya (17), ofunda ePhendukani High eNewcastle, ungomunye waziqengqe zaseKZN ezimenywe nguNkk Motshekga.Uthe ukuphasa ngale ndlela ubengakulindele ngoba kuthe ngesikhathi kubhalwa iLife Science waquleka, kwadingeka aphuthunyise esibhedlela.
“Ukufunda amahora amade uze ukhohlwe wukudla, kucishe kwangilimaza kakhulu kodwa ngiyajabula ukuthi ngaphezu kwalesi simo ngiphumelele ngale ndlela. Okungisize kakhulu ngukuba phambili kunothisha, uyaqamba uyafika esihlokweni wena usuvele sekukhona okwaziyo,” kusho uSinakhokonke.
Uthe isifiso sakhe ngukwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi iCape Town. Unina kaSinakhokonke uNkk Duduzile Siyaya, uthe bengumndeni bayaziqhenya ngendodakazi yabo.
Uphase ngamalengiso iPhysics, Maths, Geography, Accounting, English, isiZulu, neLife Orientation.
Ezinye iziqengqe ezimenywe ngungqongqoshe nguLifalethu Zikode (18) waseMasibumbane High, obenza iMaths, Physics, Acconting, IsiZulu, Life Science ne-English, uMthokozisi Nkomo waseHighflats, wesikole Impiyamandla High obenza iPhysics, Maths, Life Science, IsiZulu, English ne-Agricultural Science.