UKUNGENELA kwenhlangano engenzi nzuzo iCollen Mashawana Foundation ne-Industrial Development Corporation (IDC), ukwakha kabusha imizi emibili eyakhahlanyezwa yizikhukhula zango-2021 nango-2022, kubuyise ithemba lempilo engcono emndenini wakwaMbhele nowakwaMngadi.
Le nhlangano ivule ngokusemthethweni imizi yale mindeni eseHammarsdale, entshonalanga yeTheku ngoLwesihlanu, ngokohlelo lwayo lokubheka abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula futhi abaswele, ukusiza ngokubakhela izindlu.
UNksz Nelisiwe Mbhele (61) ohlala namalungu omndeni wakhe awu-12, uthe umsebenzi owenziwe uzobasiza kakhulu ngokwehlisa umthwalo emndenini wakhe, ikakhulu ngoba amalungu amaningi awasebenzi, futhi baphila ngezibonelelo zikahulumeni.
“Sijabule kakhulu ngalokhu abasenzele khona, futhi kuzosiza ngoba sesizokwazi ukubhekana nezinye izinto ikakhulu ngoba abagcinanga ngokusakhela ikhaya kabusha, kodwa basize nangokufaka ifenisha yezinga eliphezulu,” kusho uNksz Mbhele.
UMnuz Wonder Mngadi, ongelinye lamalungu ayisikhombisa omndeni wakubo, kubalwa nomalume wakhe okhubazekile oneminyaka ewu-70, naye uzibongele kakhulu ngomsebenzi owenziwe yile nhlangano ebalungisele umuzi wakubo.
“Ngijabule nangokuthi njengoba kuyimina obhekele isimo sasekhaya ngokuziphilisa ngokudayisa, bangisize nangoR5 000 wokusimamisa ibhizinisi lami, okuzongisiza kakhulu empilweni,” usho kanje.
Isikhulu esiphezulu sale nhlangano uMnuz Austin Mashawana, sithe beyinhlangano wumsebenzi wabo wansuku zonke ukwenza umehluko emphakathini wabantu abaswele nabadinga usizo.
“Sibonga kakhulu kwi-IDC ngokusixhasa ngengxenye yezindleko zalo msebenzi, sibonga nakwiNcanda Funerals efake isandla yathenga ifenisha ezoba wusizo kule mindeni” kusho uMashawana.
Ngaphezu kwalokhu, le nhlangano inikele ngomfundaze weminyaka emithathu kuNksz Nontobeko Mbhele ukuze afunde, bese imtholela nomsebenzi uma esephothule izifundo zakhe.