UBHEKWE ngabomvu ozongena esikhundleni sobeyiphini lomholi we-EFF njengoba le nhlangano izokhetha ubuholi obusha engqungqutheleni eqhubeka eGoli.
Isikhundla sephini lomholi we-EFF kasibanjwe muntu kulandela ukushiya kukaMnuz Floyd Shivambu, osenguNobhala Jikelele we-MK.
Kusukela i-EFF yasungulwa, lesi sikhundla besilokhu siphethwe uShivambu.
Embangweni wokuphatha lesi sikhundla kuvela igama laloyo owayengunobhala jikelele wenhlangano, uMnuz Godrich Gardee, kanye nelaloyo ongusihlalo wenhlangano, uNksz Veronica Mente.
Elinye igama elike layamaniswa nombango wesikhundla elowayekhulumela inhlangano, uDkt Mbuyiseni Ndlozi.
Akucaci ukuthi uNdlozi uzovunyelwa yini ukungenela umbango wezikhundla kule ngqungquthela njengoba kuke kwavela imibiko yokuthi umisiwe kuzo zonke izinto ezithinta iqembu.
UNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uthe ukuphakanyiswa kwamagama abazongenela umbango wezikhundla kuzokwenziwa kusasa.
“Lolu uhlelo olubalulekile lwengqungquthela. Izithunywa eziqhamuka emagatsheni zizothola ithuba lokuphakamisa amagama abaholi aphakanyiswe amagatsha.”
UDlamini uthe abazi ukuthi ngobani abasembangweni wezikhundla.
“Ithuba lokuphakamisa amagama abazongena izikhundla lizovulwa ngoMgqibelo engqungqutheleni.”
UDlamini uthe kabalindele ukuthi kube nobuhixihixi kule ngqungquthela ebanjelwe eNasrec Expo Centre.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uzokwethula inkulumo yokuvula ingqungquthela namhlanje.
Kuyoba sekulandela ngokuthi abanye abaholi okubalwa naye uDlamini, bethule imibiko yabo.
Bekumatasa izolo ngesikhathi kuqhubeka ukubhaliswa kwezithunywa eziqhamuka ezifundazweni ezahlukene ebezilokhu zishintshana ngokubhalisa.
Okuqaphelekayo kule ngqungquthela ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sinesibalo esincane sezithunywa ezivumeleke ukuvota kuyona.
Izithunywa zaKwaZulu-Natal ezizovumeleka ukuvota zingu-14 kuphela.
UDlamini uthe amagatsha amaningi e-EFF KwaZulu-Natal ahlulekile ukuhlangabezana nemibandela ebekelwe amagatsha ukuze abe nezithunywa.
UDlamini uthe onke amagatsha ayekade ebekelwe umbandela wokuthi athole u-10% wamavoti ezindaweni zawo ngesikhathi kunokhetho lukazwelonke obelungoMeyi.
“Lapha kwi-EFF sigqugquzela abaholi benhlangano ukuthi basebenze ngokuzikhandla. Amalungu e-EFF kufanele alwele ukuthi inhlangano ikhule ngasezindaweni zangakubo.”
UDlamini uthe amagatsha ahluleke ukuhlangabezana nombandela azovunyelwa ukuthumela izithunywa ezingeke zivote.