KUKHONA nezinkomo zebandla lakwaShembe, eThempelini eNtokozweni KwaMenyezwayo, KwaMaphumulo, elingaphansi kweNkosi uNyazilwezulu kwezingu-13, ezishawe umphezulu zafa ngoLwesihlanu.
Iyindaba egudwini emalungwini omphakathi indaba yokufa kwezinkomo kule ndawo. Kuvela ukuthi eziyisikhombisa izinkomo ngezakwaShembe.
Umthombo ocele ukungavezwa, uthe lezi zinkomo zife ujuqu waqinisekisa nokuthi kukhona nezakwaShembe phakathi kwazo.
"Izinkomo eziyisikhombisa phakathi kwalezi ngezaKwaShembe eThempelini eNtokozweni,'' kugcizelela umthombo.
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uvumile ukuthi bayalazi ithempeli labo eliKwaMaphumulo, eNtokozweni.
Uthe akukho abezwe ngakho okumayelana nezinkomo zaleli thempeli ezishaywe umphezulu.
“Akukho esisakuzwile okumayelana nalokhu ongibuza khona okwamanje,’’ usho kanje.
Eqhuba uthe: "Okunye izinkomo azibhalwa ukuthi lezi ngezoNyazi.“
UMnuz Mbongeni Dlamini, uthe naye ufe olwembiza njengoba ezakhe ezintathu nazo zibulawe umphezulu.
Uthe isigameko simshiye edidekile njengoba bekuyima ethi uyaqala uvusa umuzi wakubo ngemfuyo kanti akabuzanga elangeni.
Uveze ukuthi usesele nenkomo eyodwa nje vo, ekubeni bese kunenhlansi yethemba ngokukhula kwesibaya sakhe.
''Kunzima ngisho ukukhuluma uma kunjena. Ibuhlungu kabi nje le nto esehlele kule ndawo. Angazi nokuthi kwenziwa njani uma izinto zinjena. Angikaze nje ngicabange ukuthi ngelinye ilanga imfuyo yami ingamane ishabalale nje ngale ndlela,’’ ebalisa.
Uthe kade afika kule ndawo kodwa akakhumbuli nje kuba nesigameko esifuze lesi.
"Iyaqala nje ngqa ukwenzeka into efana nalena kule ndawo yakithi, lokhu esikubonayo namhlanje siyakweshwama.''
Uthe kube buhlungu kakhulu sekudingeka ukuthi bayilahle inyama yezinkomo ngoba ayilokothwa idliwe inyama yenkomo eshawe umphezulu.
Induna yendawo, uMnuz Cebo Ngcamu, ithe amadoda endawo afe olwembiza ngalesi sigameko.
"Ibe yimbi kakhulu le nto evelile kule ndawo ikakhulu ngoba siyazi ukuthi amadoda amaningi ayikhonze kangakanani imfuyo."