UPHIKO lwentsha lweqembu Umkhonto weSizwe (MKPYL), lusole umona ezinhlanganweni ezigijimele ezinkantolo zifuna ukuchitha umholi waleli qembu ePhalamende uDkt John Hlophe, ekubeni yilungu leJudicial Services Commission (JSC).
Le khomishini iluleka umengameli wezwe ngezinto ezithinta amajaji.
Lokhu kulandela ukuya enkantolo kwezinhlangano i-AfriForum ne-DA, zifuna uHlophe akhishwe kwiJSC.
NeFreedom Under Law ithe izothatha izinyathelo zomthetho ngalolu daba.
UMnuz Nkateko Mkhabela wezokuxhumana kwiMKPYL, uthe iPhalamende lalandela yonke imigomo ngesikhathi liphakamisela uHlophe kwiJSC.
Uthe lezi zinhlangano zifuna ukwenza iMK intenge njengeqembu eliphikisayo ePhalamende.
“Lezi zinhlangano bezingafuni uHlophe akhethelwe kulesi sikhundla ngoba ziyawazi amava akhe. Azibhekele ukusebenza kwansuku zonke kweJSC, ngakho azikwazi ukukhulumela ikhomishini.”
I-AfriForum ifake amaphepha enkantolo yoMthethosisekelo ifuna kususwe uHlophe.
Isikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel, sithe akukwazi ukuthi umuntu owaphucwa isikhundla sokuba yijaji angakhethelwa esikhundleni esifuze lesi.
UKriel uthe bazolwa kuze kufike enkantolo yokugcina ngoba bafuna singehli isithunzi seJSC.
“Ukuthi uHlophe abe yingxenye yeJSC kubeka engcupheni isithunzi sale khomishini. Kubeka engcupheni nomthetho wakuleli yingakho siyilwa indaba yokufakwa kwakhe.”
UNkk Helen Zille uSihlalo weFederal kwi-DA, uthe bafake amaphepha enkantolo enkulu yaseWestern Cape, ngoba befuna kuchithwe uHlophe kwiJSC.
Uthe noma bekwamukela ukuthi kuyilungelo lamaqembu ukuphakamisa amalungu awo kwiJSC, kodwa abamfuni uHlophe kule khomishini.
“Akaziphathanga ngendlela elindelekile kumuntu oyijaji. Sifake isicelo esiphuthumayo sokuthi avinjwe ukuthi angene kwiJSC. Okwesibili ngukuthi sifuna kubuyekezwe isinqumo sePhalamende sokumqokela kwiJSC.”
Uthe ukuqokwa kukaHlophe kubukela phansi umthetho.
Amanye amalungu ePhalamende ayingxenye yeJSC kubalwa kuwona nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema.
Kulindeleke ukuthi umhlangano weJSC uhlale ngo-Okthoba, lapho le khomishini izophakamisa kumengameli wamajaji okumele avale izikhala ezivulekile ezinkantolo ezehlukene.