SIKHALE ngokwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngokwanda kwezehlakalo zokubulawa kwamakhansela, izinduna, amakhosi kanjalo nabantu KwaZulu-Natal.
ISilo sinxuse uhulumeni wesifundazwe ukuthi ubize umhlangano ophuthumayo ozoqhamuka nomkhombandlela kulesi sihlava.
Sifuna nokuthi umphakathi jikelele ungasali ngaphandle kulo mhlangano ozohlanganisa zonke izinhlaka, okubalwa uhulumeni, amaphoyisa nezinye izinhlaka zezokuphepha.
Sithula inkulumo yokuqala yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo enkundleni yekhilikithi i-Oval eMgungundlovu, sikhale ngokuthi sekuyinsakavukela ukubulawa kwabantu ngezibhamu kuleli.
“Cishe usuku nosuku sizwa ngezigameko zabantu ababulawa ngezibhamu. Okwakamuva nje wukungenelwa kwabantu ezindlini babulawe zinswelaboya.
“Ukwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni emiphakathini yethu kubeka imiphakathi engcupheni. Isifundazwe sethu sibalwa nezinye zezindawo lapho ukubulawa kwabantu ngezibhamu kusezingeni eliphezulu. Babulawa emadolobheni, emalokishini, emakhaya ngisho nasezikoleni,” kusho iSilo.
Sihlabe ikhwelo lokuthi kube nalo mhlangano ozohlanganisa nobukhosi, uhulumeni, uhulumeni kazwelonke nezinye izinhlaka.
“Lona kumele kube ngumhlangano wezixazululo ngoba ubufakazi bokuthi amakhosi nezinduna bayabulawa, akuyona into okumele iqalwe phansi icwaningwe kodwa kumele kugxilwe ekutheni lesi simo singanqandwa kanjani.
“Imiphakathi nayo kumele ibe yingxenye yesixazululo. Imibono yayo akumele ishaywe indiva ngoba akekho umuntu okumele aphile ngokwesaba, akukhathaleki noma uyinkosi, induna noma isakhamuzi.”
ISilo siphefumule nangesidingo seNgonyama Trust.
“Uma kufika kwiNgonyama Trust nganelisekile ukuthi lolu hlaka lusadingeka. Ngitusa ubuhlakani bokuba khona kwalo nokusenza sehluke njengesifundazwe.
“Ngokubambisana ngiyakholwa ukuthi singenza Ingonyama Trust yenze kangcono lokho eyabe isungulelwe khona okuwukuvikela umhlaba kaZulu nokuqinisekisa inhlalakahle yemiphakathi ezindaweni zobukhosi.”
Sisho lokhu nje kuhlukene imibono njengoba kukhona abathi asikho isidingo seNgonyama Trust.
ISilo sithe ukuhleleka kwehhovisi laso kumqoka futhi kudingeka abantu abanamakhono okwelusa izinhlelo zaso.
“Ngokubambisana nehhovisi likaNdunankulu kulezi zinyanga ezedlule siqale uhlelo lokuhlela kabusha ihhovisi lami. Yize lokhu kusaqhubeka angingabazi ukuthi uma kuqala unyaka omusha wezimali siyobe sesikuphothule konke. Siqhubeka lapho kugcine khona iSilo esibuzile.”
Sithe asingabazi ukuthi iRoyal Household Trust kanjalo neNgonyama Trust, zingabamba elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi isihlalo siba sekhaleni le ntuthuko yomphakathi.
“Yilezi zinhlaka okumele zilekelele ekwakheni iNdlunkulu esondelene nemiphakathi, eziveza isihlalo nobubukhosi obunendlebe ezinkingeni zansuku zonke zemiphakathi eyehlukene. Ngokubambisana nobuholi balezi zinhlaka sizoqhamuka nendlela engcono yokuxhumana nomphakathi kangcono kunalokhu okwenzeka manje.”
Sithe sesawuqala umsebenzi selokhu sabekwa esihlalweni njengoba nyakenye sahola umkhankaso wokusungulwa kosuku lwamadoda eThekwini ukulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane, izingane nabaphila nokukhubazeka.
Simemezele nokuthi sizosebenzisana nezokuvakasha kuleli ukuze kwethulwe umkhankaso wezokuvakasha kufundiswe ngamasiko nomlando kaZulu.
“UZulu kumele azuze ngalokho okuyifagugu lakhe. Siphelile isikhathi sokuba sibe yizibukeli lapho abanye benotha ngomlando namasiko ethu. Nalapha akumele sishiye ngaphandle imiphakathi ngoba konke esikwenzayo kumele kuhlomulise yona.”
Sivale ngokuthi kumele kuliwe nendlala, ukungasebenzi nezifo.