Sikhulu isililo ngomculi wokholo okuthiwa udutshulwe wabulawa wumyeni wakhe esesontweni ngoMgqibelo.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke eMadonde Shadani ngabo-6 ntambama.
Kubikwa ukuthi umsolwa ungene emagcekeni esonto ngesikhathi ibandla lisadumisa, wadubula ephindelela umkakhe (45) waphelela endaweni yesigameko.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, umsolwa ongaziwa iminyaka yakhe, ubaleke ngeToyota Corolla e-silver grey.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Malesela Ledwaba, utshele Isolezwe ngoLwesibili ekuseni ukuthi umsolwa uboshwe ngoMsombuluko ebusuku.
Uthe uzinikele yena emaphoyiseni.
"Uzovela enkantolo kusasa (ngoLwesibili) nokuyilapho sizodalula khona igama lobulewe," kusho uLedwaba.
Yize igama lakhe lingadalulwanga kodwa iZimoja ibike ukuthi umufi nguFuni Mbedzi obecula phambili eqenjini iWorship House.
Leli qembu laseLimpopo elineminyaka engu-20 likhona, lisanda kukhipha i-albhamu entsha iWorship House Celebration 20 (Live at Worship House Church Limpopo, 2023).
Esitatimendeni esishicilelwe kuFacebook, iqembu likuqinisekisile ukushona kukaFuni, ongomunye wabebecula phambili kulona.
Lithe uqale ukucula eqenjini kusuka likhipha i-albhamu yesibili.
Iqembu liphinde lahlehlisa umcimbi wokwethulwa kwe-albhamu yalo obuzoba sePitoli ngempelasonto.
"Usuku olusha luzomenyezelwa maduze. Siyakubonga konke ukwesekwa ikakhulukazi kulesi sikhathi esinzima esidlula kuso njengeWorship House Family."
Sinxuse ukuthi kuqhutshekwe nokukhulekelwa kwemindeni ethintekayo.
Abantu baphawule ekhasini leqembu bethi sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula.