BAYALWE ngokuthi bangabi madolonzima ukungena emikhakheni yezamabhizinisi okusenedlanzana abamnyama ebebehambele isigcawu seThandeka Global Equip (TGE) eLangeni Hotel.
Le nkampani isungulwe ngusomabhizinisi ongusondonzima uNkk Thandeka Nene.
Inhlosongqangi yalesi sigcawu uthe ukulekelela abanentshisekelo ngamabhizinisi ukuba bangene ngaphandle kokwesaba.
"Sihlose kakhulu ukuthi sikhuthaze abantu bakithi abamnyama ukuba bangene emabhizinisini,"usho kanjena.
Uthe ikakhulukazi sisesikhulu isikhala sabamnyama kwezokwakha kanjalo nasemkhakheni wezezimayini.
Uthe ufuna ukuklama indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi bayangena abantu abamnyama kule mikhakha.
" Ngikholwa ukuthi abantu bakithi bazophumelela kule mikhakha engikhuluma ngayo. Okumqoka nje ukuthi kumele bavule iminyango bangene," echaza.
Uveze ukuthi naye usengenile emkhakheni wezimayini.
Uthe konke kubonakala kusahamba kahle kakhulu.
Udalule ukuthi ibonakala iningi inzuzo ekhona kulo mkhakha.
"Iqiniso lithi akukho ongeke wakwazi ukukwenza inqobo nje uma uzimisela ngokwenzayo," echaza.
Uthe ukungena ebhizinisini kudinga abantu abangesabi ngoba kuyenzeka zifike izivunguvungu.
Uthe nakuyena zike zifika kodwa uyazinqoba ngoba uthembe isipiliyoni asenaso nokuthi ungumntwana kaNkulunkulu.
Bekukhona nabanye osomabhizinisi nabo abakhuthaze ebebekhona kwisigcawu.
UNkk Precious Nkosi naye osemkhakheni wezimayini uthe kuyaphileka kulo mkhakha.
Udalule ukuthi ungene kuwona ngo-2012. Uthe kuyaphileka kuwona.
Ukhuthaze abanye abanentshisekelo ukuthi bangabimadolonzima kodwa bangene.
"Ngesikhathi ngingena mina ngakuqaphela ukuthi bancane abantu abamnyama abakuwona. Ngakho ke kungaba yinto enhle uma kungaba khona abanye abamnyama abangenayo,"echaza.
UMnuz Mpendulo Nene naye ongusomabhizinisi ubakhuthaze ngokuthi bangene kwezamabhizinisi.
Uthe kuqalwa kancane kodwa nakanjani ugcina sewudlondlobele.
Umphathi wohlelo bekungu Nksz Mbali Mavimbela
Inkampani iTGE seyilekelele abantu abaningi ukuthi bagcine sebengosomabhizinisi abaziwayo.