KULINDELEKE ukuthi uMbuso ufake isicelo sokubuyiswa isibili kukafakazi, uCol Lambertus Steyn, ngoMsombuluko, ecaleni lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe uMbuso izolo, ummeli kammangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli, u-Adv Zandile Mshololo, esonga ukuphosa ngemibuzo ufakazi oyisikhulu sakwaVodacom, uNksz Pinky Vythilingam.
Kukholakala ukuthi uMbuso ufuna uSteyn azocacisa ngobufakazi abethula nyakenye, obabuveza ukuthi omunye wabamangalelwa waxhumana ngocingo noKelly Khumalo ngaphambi nangemumva kokubulawa kukaMeyiwa.
Lobu bufakazi bushiye imibuzo ngeledlule, uNksz Vythilingam eveza ukuthi abubonwa nangokhalo olwazini olugcinwe yiVodacom.
Okuphinde kwaqwebulisa amehlo, ukuveza kukaNksz Vythilingam ukuthi akuze kungenzeka nangengozi ukuthi kube khona izingcingo eziphumayo nezingenayo kodwa zingaveli lapho begcina khona ulwazi lwamaselula.
UNksz Vythilingam uphinde washayela isipikili sokugcina ngesikhathi eveza ukuthi obulethwe wuye ubufakazi bukwi-format ye-PDF, engavumi ukuthi umuntu anezele olunye ulwazi, kanti obalethwa uSteyn babukwi-format i-Excel, evumayo ukuthi umuntu azinezelele olunye ulwazi.
Abameli beholwa u-Adv Charles Mnisi baveze ukuthi bazosiphikisa isicelo sokubuyiswa kukaSteyn enkantolo.
Ngesonto elizayo, kulindeleke ukuthi kuvele ukuthi isihambe ibanga elingakanani ingcweti ezimele esanda kunikwa isibhamu nezinhlamvu okuthiwa kwasebenza endaweni yesigameko ukuthi iyokuhlola.